Mark 8
1 Ngalezo zinsuku kwabuye kwabuthana izindimbane zabantu, kepha babengenakudla. UJesu wabiza abafundi bakhe, wathi kubo:
2 “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla.
3 Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.”
4 Abafundi bakhe bamphendula, bathi: “Umuntu angazithatha kuphi izinkwa lapha ehlane ezingasuthisa laba bantu na?”
5 Wababuza abafundi bakhe, wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa.”
6 Wayeseyala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wabanika abafundi bakhe ukuze basabele; basabela-ke isixuku.
7 Babenezinhlanzana futhi eziyingcosana; nazo wazibusisa, wabayala ukuba basabele zona.
8 Abantu badla, basutha, babutha imvuthuluka eningi eyayisele, yagcwala iziqabetho eziyisikhombisa.
9 Babebalelwa ezi-4 000; wayesebamukisa.
10 Esengene masinyane esikebheni nabafundi bakhe, waya esifundeni eDalimanutha.
11 Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.
12 UJesu wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukunikwa sibonakaliso.”
13 Wabashiya, wangena futhi esikebheni, walibangisa ngaphesheya.
14 Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa; babengenalutho ngaphandle kwesinkwa esisodwa esasisesikebheni.
15 Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.”
16 Babephikisana bodwa, bethi ukusho lokhu ngokuba bengenazinkwa.
17 UJesu ekwazi abadlinza ngakho, wathi kubo: “Nikhulumelani nodwa ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni yini, futhi anikaqondi? Inhliziyo yenu iselukhuni na?
18 Ninamehlo, kodwa aniboni yini, ninezindlebe kodwa anizwa na? Anisakhumbuli yini
19 mhlazana ngihlephulela abayizi-5 000 izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Ezili-12.”
20 “Mhlazana izinkwa ziyisikhombisa kwabayizi-4 000, lapho nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?” Bathi kuye: “Eziyisikhombisa.”
21 Wathi kubo: “Anikaqondi yini namanje na?”
22 Bafika eBhethsayida, baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.
23 UJesu wayibamba ngesandla impumputhe wayiholela ngaphandle komuzi, waphimisela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza, wathi: “Kukhona yini okubonayo na?”
24 Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”
25 Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo.
26 Wayiphindisela ekhaya, wathi kuyo: “Ungangeni emzini wabantu.”
27 UJesu wasuka nabafundi bakhe, waya emizaneni eKhesariya Filiphi. Besesendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?”
28 Baphendula bathi kuye: “UnguJohane uMbhabhadisi;” abanye bathi: “Ungu-Eliya,” abanye bathi: “Ungomunye wabaphrofethi.”
29 Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPhethro waphendula, wathi kuye: “Wena unguKhristu.”
30 Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.
31 Waqala ukubafundisa ngokuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga, abaphristi abakhulu, nezazimthetho, ibulawe, kepha ivuke emva kwezinsuku ezintathu.
32 Leli lizwi walisho ngokusobala. UPhethro wamdonsela eceleni, waqala ukumthethisa.
33 Kepha uJesu waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamthethisa uPhethro, ethi: “Buyela emva kwami, Sathane. Awuzibuki izinto ngeso likaNkulunkulu, kodwa ngelabantu.”
34 UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele.
35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.
36 Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?
37 Yini umuntu anganikela ngayo ukuze ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?
38 Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”