Leviticus 2
1 “ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.
2 Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
3 Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele.
4 “ ‘Uma unikela ngomnikelo wokusanhlamvu obhakwe kuhhavini, mawube ngowempuphu ecolisekileyo: amaqebelengwane angenamvubelo axovwe namafutha, noma amaweyifa angenamvubelo agcotshwe ngamafutha.
5 Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe ngomqengele akube ngowempuphu ecolisekileyo engenamvubelo exovwe namafutha.
6 Wuhlephule ube yimvuthu bese uthela amafutha kuwo, kungumnikelo wokusanhlamvu.
7 Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe emcengezini, uyokwenziwa ngempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha.
8 Uyakunikela kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu olungiswe ngalezi zindlela; uwunike umphristi, yena awuyise e-althare.
9 Umphristi uyothatha eyakhe ingxenye, kuthi okunye akushise kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
10 Okusale emnikelweni wokusanhlamvu kuyokuba ngokuka-Aroni namadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaSimakade.
11 “ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.
12 Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi.
13 Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.
14 “ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,
15 uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wokusanhlamvu.
16 Umphristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, ingxenye yokusanhlamvu okugquliweyo kwawo nengxenye yamafutha awo nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuSimakade.