Leviticus 1
1 USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi:
2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.
3 “ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.
4 Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.
5 Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana.
6 Umnikelo wokushiswa uyohlinzwa, kukhishwe izitho zawo.
7 Bayowunika amadodana ka-Aroni, umphristi abeke amalahle avuthayo e-althare, bese ehlela izinkuni phezu kwawo.
8 Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayohlela izitho: inhloko, namanoni phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-althare,
9 ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
10 “ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.
11 Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare.
12 Liyakukhishwa izitho, inhloko namanoni alo, umphristi akuhlele phezu kwezinkuni eziphezu kwe-althare,
13 kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.
14 “ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba.
15 Umphristi uyakuwuletha e-althare, awushumpule inhloko, awushise kube nentuthu e-althare, akhamele igazi lawo ezinhlangothini ze-althare.
16 Uyosusa ingingila nokuphakathi kuyo nezimpaphe zawo akuphonse ngasempumalanga ye-althare, endaweni yomlotha.
17 Uyakulidabula phakathi kwamaphiko, kodwa angalehlukanisi. Umphristi uyakulishisa e-althare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, libe ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.