Leviticus 3
1 “ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.
2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare.
3 Uyothatha kulowo mnikelo wokuthula anikele ngawo ube ngumnikelo womlilo kuSimakade, umhlwehlwe nawo wonke amanoni amboze ezangaphakathi,
4 izinso zombili namafutha azembozile ngasokhalo, nengxenye yesibindi, akukhiphe konke.
5 Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
6 Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula kuSimakade ovela emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi uyonikela ngokungenasici.
7 Uma enikela ngewundlu libe ngumnikelo wakhe uyoliletha phambi kukaSimakade,
8 abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe. Liyohlatshwa phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi lalo nxazonke ze-althare.
9 Amanoni alo awathathe emnikelweni wokuthula, uyowanikela abe ngumnikelo womlilo kuSimakade: wonke umsila walo osikwe emgogodleni, amanoni emboze ezangaphakathi, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi,
10 nezinso zombili namanoni azembozile asokhalo, namanoni aphezu kwesibindi, uyowasusa nezinso.
11 Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.
12 “ ‘Uma umnikelo wakhe kuyisiphongwane, uyowethula phambi kukaSimakade,
13 abeke isandla sakhe enhloko yaso, asihlabele phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi laso nxazonke ze-althare.
14 Uyothatha kuso, anikele kube ngumnikelo wakhe womlilo kuSimakade: amanoni amboze ezangaphakathi zaso, nawo wonke akwezangaphakathi,
15 nezinso zombili namanoni azembozile asokhalo, namanoni aphezu kwesibindi, uyowasusa ezinsweni.
16 Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.
17 “ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”