Leviticus 14
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Lena yindlela yomthetho eyolandelwa kulowo onochoko ngosuku ahlanjululwa ngalo: uyolethwa kumphristi,
3 umphristi uyophumela ngaphandle kwenkambu. Bheka, uyakumhlolisisa khona ukuthi isifo sochoko sesiphelile yini.
4 Umphristi uyoyala ukuba ozohlanjululwa alethelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo, nomsedari, indwangu ebomvu nehisopi.
5 Umphristi uyakuyala ukuba ihlatshwe enye yezinyoni phezu kwamanzi esitsheni sebumba.
6 Uyothatha inyoni ephilayo, umsedari, indwangu ebomvu nehisopi, akucwilise nenyoni ephilayo egazini lenyoni ehlatshelwe phezu kwamanzi agelezayo.
7 Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.
8 “Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
9 Ngosuku lwesikhombisa uyakuphuca zonke izinwele ekhanda lakhe, nasesilevini, nasemashiyeni; yebo, uyakuziphuca zonke izinwele zakhe. Uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, ahlambuluke.
10 “Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.
11 Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.
12 Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.
13 Uyoyihlaba imvu yeduna lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, endaweni engcwele, ngokuba umnikelo wecala njengomnikelo wesono, ungowomphristi; ungcwelengcwele.
14 Umphristi uyothatha elinye igazi lomnikelo wecala, alibhece endlebeni yesokudla yalowo ohlanjululwayo, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene.
15 Umphristi uyothatha amanye amafutha kulo ilogi, awathele entendeni yesandla sakhe sokhohlo;
16 agcobhoze umunwe wakhe wesokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, achinse amafutha ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kukaSimakade.
17 Amanye amafutha asele esandleni sakhe umphristi uyowagcoba endlebeni yesokunene yalowo ohlanjululwayo, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.
18 Amafutha aseleyo esandleni somphristi uyowagcoba ekhanda lalowo ozohlanjululwa, bese umphristi emenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade.
19 “Umphristi uyonikela umnikelo wesono, ewenzela lowo ohlanjululwayo ukuze athole ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa.
20 Umphristi uyonikela ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wokusanhlamvu e-althare; amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
21 “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, uyothatha imvu eyodwa eyiduna ibe ngumnikelo wecala, uzungeziswe ukumenzela ukubuyisana, nokukodwa eshumini kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu, nengxenye yelogi lamafutha,
22 namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, ngokwamandla akhe. Elinye liyoba ngumnikelo wesono. Elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
23 “Ngosuku lwesishiyagalombili uyowaletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana, phambi kukaSimakade, abe ngawokuhlanjululwa kwakhe.
24 Umphristi uyothatha imvu yomnikelo wecala nengxenye yelogi lamafutha, uyokuzungezisa kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.
25 Uyohlaba imvu yomnikelo wecala, athathe igazi lomnikelo wecala, alibhece endlebeni yesokunene yohlanjululwayo, nasesithupheni sakhe sakwesokunene, nakuqukula wakhe wesokunene.
26 Umphristi uyothela amanye alawa mafutha entendeni yesandla sakhe sokhohlo;
27 achinse kasikhombisa ngomunwe wakhe wesokunene phambi kukaSimakade amanye amafutha asesandleni sakhe sokhohlo.
28 Umphristi uyothatha amafutha asesandleni sakhe, awagcobe endlebeni yesokunene yohlanjululwayo, nasesithupheni sakhe sakwesokunene, nakuqukula wakhe wesokunene, akwenzele endaweni yegazi lomnikelo wecala.
29 Amafutha asele esandleni somphristi uyowagcoba ekhanda lohlanjululwayo ukumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade.
30 Uyonikela ngelinye lamahobhe noma ngelinye lamaphuphu ejuba, njengalokhu engaphumelela ukwenza.
31 Elilodwa libe ngelomnikelo wesono, elinye libe ngelomnikelo wokushiswa nomnikelo wokusanhlamvu. Umphristi uyomenzela ohlanjululwayo ukubuyisana phambi kukaSimakade.”
32 Lena yindlela yomthetho eyolandelwa kulowo onesifo sochoko, ongenawo amandla okuba nomnikelo oqondene nokuhlanjululwa kwakhe.
33 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:
34 “Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo.
35 Umninindlu uyoza atshele umphristi, athi: ‘Kungathi kuvele isifo esithile endlini yami.’
36 Umphristi uyoyala ukuba kukhishwe okuphakathi endlini ngaphambi kokuba angene ukuyohlola ukuthi sikhona yini isifo, ukuze konke okusendlini kungangcoli, andukuba umphristi angene ukuhlola indlu.
37 Uyohlola ukuthi isifo sikhona yini, uma isifo sisezindongeni zendlu, kukhona amabala aluhlazana noma abomvana, nokubonakala kwawo kujulile kunodonga,
38 umphristi uyophuma aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa.
39 Umphristi uyobuya ngosuku lwesikhombisa, ukuhlola ukuthi ibala landile yini odongeni lwendlu.
40 Umphristi uyoyala ukuba amatshe ahlaselwe yisifo akhishwe, alahlwe endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.
41 Indlu iyophalwa ngaphakathi nhlangothi zonke, uthuli oluphaliweyo baluthele endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.
42 Bayothatha amanye amatshe bawafake endaweni yalawo akhishiweyo. Bayothatha udaka olusha bagudule ngalo indlu.
43 “Uma isifo sibuye savumbuka kabusha endlini emveni kokuba ekhiphe amatshe okuqala, nasemveni kokuphalwa kwendlu nokuphahlekwa kwayo,
44 umphristi uyohamba ayoyihlola. Uma isifo sandile endlini, kunochoko olubi olwandayo endlini; ingcolile.
45 Uyoyibhidliza indlu, amatshe ayo, amapulangwe ayo, nodaka lwayo akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
46 “Oyongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.
47 Oyolala kuleyo ndlu noyodlela kuyo makahlanze izingubo zakhe.
48 “Uma umphristi efika ukuzoyihlola, athole ukuthi isifo asandile endlini emveni kokugudulwa kwayo, umphristi uyakumemezela ukuthi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo siphelile.
49 Uyothatha izinyoni ezimbili, umsedari, indwangu ebomvu nehisopi, ukuze ahlambulule indlu.
50 Enye yezinyoni uyoyihlabela esitsheni sebumba phezu kwamanzi agelezayo.
51 Uyothatha umsedari, ihisopi, indwangu ebomvu nenyoni ephilayo, akucwilise egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agelezayo, ayifafaze indlu kasikhombisa.
52 Uyakuyihlambulula indlu ngegazi lenyoni, ngamanzi agelezayo, ngenyoni ephilayo, ngomsedari, ngehisopi, nangendwangu ebomvu.
53 Uyoyiyeka inyoni ephilayo, indize iphume emzini iye endle, ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; ihlambuluke.”
54 Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nangomuna:
55 uchoko lwengubo, olwendlu,
56 olweguludla, olotwayi, nolwebala elikhanyayo,
57 ukufundisa ukuthi kunini lapho umuntu engcolile nalapho ehlambulukile; yilowo-ke umthetho wochoko.