Leviticus 15
1 USimakade wakhuluma noMose no-Aroni, wathi:
2 “Yishoni kubantu bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Uma owesilisa emfimfa emzimbeni wakhe, ungcolile ngokumfimfa kwakhe.
3 Lokho kungcola kudalwa ngukumfimfa kwakhe: noma ngabe umzimba wakhe umfimfa, noma sekunqamukile ukumfimfa, kuyakuba ngukungcola kwakhe.
4 “ ‘Yonke imibhede elala omfimfayo iyakuba ngengcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.
5 Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
6 Oyohlala entweni ekade kuhleli kuyo omfimfayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
7 “ ‘Othinta umzimba womfimfayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
8 “ ‘Uma omfimfayo ephimisela ngamathe ohlambulukileyo, ohlambulukileyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
9 “ ‘Noma yisiphi isihlalo agibela kuso omfimfayo siyakuba ngesingcolileyo.
10 Bonke abathinta into ebiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolileyo kuze kuhlwe, nalowo othwala into enjalo, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
11 “ ‘Wonke umuntu othintwe ngomfimfayo, engazigezanga izandla zakhe ngamanzi, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
12 “ ‘Isitsha sebumba esithintwe ngomfimfayo siyakuphihlizwa, zonke izitsha zokhuni ziyakuhashazwa ngamanzi.
13 “ ‘Uma omfimfayo ehlambulukile ekumfimfeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agelezayo, ahlambuluke.
14 Ngosuku lwesishiyagalombili uyozithathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, awanike umphristi.
15 Umphristi uyakunikela ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa; uyakumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade ngenxa yokumfimfa kwakhe.
16 “ ‘Uma umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
17 Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolileyo kuze kuhlwe.
18 Uma owesilisa elale nowesifazane wamthela ngesidoda, bobabili bayakugeza ngamanzi, babe ngabangcolileyo kuze kuhlwe.
19 “ ‘Uma owesifazane ejwayele ukumfimfa igazi emzimbeni wakhe, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolileyo kuze kuhlwe.
20 “ ‘Zonke izinto alala kuzo ngesikhathi engcolile ziyakuba ngezingcolileyo; noma yini ahlala kuyo iyakuba ngengcolileyo.
21 Lowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
22 Nalowo othinta noma yini ahlale kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
23 Noma kungaba ngumbhede noma iyiphi enye into ahlale kuyo, uma ithintwa ngumuntu, uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.
24 “ ‘Uma owesilisa elala naye, ukungcola kwakhe kuyakuba kuye, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba ngengcolileyo.
25 “ ‘Uma owesifazane emfimfa igazi izinsuku eziningi, hhayi ngesikhathi sokungcola kwakhe, noma emfimfa kwedlule esikhathini sokungcola kwakhe, ngazo zonke izinsuku zokumfimfa uyohlala engongcolile njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; uyakuba ngongcolileyo.
26 Imibhede yonke alala kuyo ngazo zonke izinsuku zokumfimfa kwakhe iyakuba njengemibhede yokungcola kwakhe; nazo zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolileyo njengokungcola kwalapho esesikhathini.
27 Noma yimuphi othinta lezi zinto uyakuba ngongcolileyo, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
28 “ ‘Uma ehlambulukile ekumfimfeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa, emveni kwalokho uyobe esehlambulukile.
29 Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.
30 Umphristi uyonikela elinye libe ngumnikelo wesono, nelinye libe ngumnikelo wokushiswa; uyomenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade ngenxa yokumfimfa kwakhe.
31 “ ‘Kanjalo-ke niyakugcina abantu bakwa-Israyeli behlukanisiwe nokungcola kwabo ukuze bangafeli ekungcoleni kwabo, nokuba bangayingcolisi indawo yami engihlala kuyo phakathi kwabo.’ ”
32 Lena yindlela yomthetho eyolandelwa kulabo abamfimfayo: lowo oshaywa yizibuko ngaleyo ndlela abe ngongcolile,
33 nowesifazane osesikhathini, nanoma yimuphi omfimfayo, kungaba ngowesilisa noma ngowesifazane, nendoda elala nowesifazane ongcolileyo.