Leviticus 13
1 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:
2 “Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi.
3 Umphristi uyosihlola isifo esisesikhumbeni sakhe; uma uboya obusebaleni sebuphenduke baba mhlophe, nesifo sibonakala ukuthi sijulile esikhumbeni sakhe, kuyisifo esinzima, umphristi uyakukubona lokho bese ememezela ukuthi ungcolile.
4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa.
5 Umphristi uyakumhlola ngosuku lwesikhombisa, uma ebona ukuthi isifo simile asiqhubeki, umphristi uyakumvalela okwesibili ezinye izinsuku eziyisikhombisa.
6 Ngosuku lwesikhombisa uyakumhlola okwesibili, uma ibala lifiphele, nesifo singaqhubekanga, uyakumemezela ukuthi uhlambulukile, bekulutwayi, ageze izingubo zakhe, abe ngohlambulukile.
7 Kepha uma utwayi luqhubekile lwanda esikhumbeni emveni kokuba esezibonakalisile kumphristi ukuze kuqiniswe ukuthi usehlambulukile, uyophinde azibonakalise kumphristi okwesibili.
8 Umphristi uyakumbheka; uma ebona ukuthi utwayi lwandile esikhumbeni, uyakumemezela ukuthi ungcolile; kusho ukuthi unesifo sesikhumba esithathelanwayo.
9 “Uma umuntu etheleleke ngesifo sochoko, uyakuyiswa kumphristi,
10 umphristi uyakumbheka, uma ebona ukuthi lapho isikhumba sivuvukele khona sekumhlophe, noboya sebuphenduke baba mhlophe nokuthi kukhona inyama ebomvu ekuvuvukeni;
11 kusho ukuthi unesifo esinzima esithathelanwayo esisekhumbeni sakhe. Umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile, akayukumvalela, ngoba ungcolile.
12 “Uma uchoko lubhebhetheka lusibekele sonke isikhumba sakhe, kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona komphristi,
13 umphristi uyakumhlola, kuthi uma isifo sesiwemboze wonke umzimba, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.
14 Kepha njalo uma kuphinda kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.
15 Umphristi uyakuyihlola inyama ebomvu, bese ememezela ukuthi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile ngokuba inochoko.
16 Uma-ke inyama ebomvu ibuye yaphenduka yaba mhlophe uyakuya kumphristi,
17 umphristi uyakumhlola, uma ibala seliphenduke laba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile; obenesifo uhlambulukile.
18 “Uma bekunethumba esikhumbeni sayo eselipholile,
19 kuthi lapho bekunethumba khona kuvele iguludla elimhlophe, noma ibala elikhanyayo okubomvana kube mhlophe, liyakukhonjiswa umphristi,
20 umphristi uyakulihlola, uma libonakala lishonile kunesikhumba, futhi noboya sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: yisifo esithathelanwayo, sivele ethumbeni.
21 Uma umphristi elihlola kodwa bungekho uboya obumhlophe kulo, futhi lingashonile kunesikhumba, kepha selifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa.
22 Uma libhebhetheka esikhumbeni, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo.
23 Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni eyodwa lingaqhubeki, sekuyisibazi sethumba; umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile.
24 “Uma umzimba unesibazi sokusha, inyama lapho kushe khona ibe yibala elibomvu ngokumhlophe noma elimhlophe,
25 umphristi uyakulihlola, uma uboya obusebaleni elikhanyayo sebuphendukile baba mhlophe, selibonakala ukuthi lishonile kunesikhumba, isifo esithathelanwayo; sivele esibazini; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo.
26 Kepha uma umphristi elihlola, ebona kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, umphristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa.
27 Ngosuku lwesikhombisa uyomhlola, uma libhebhethekile esikhumbeni, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; yisifo esithathelanwayo.
28 Uma ibala elikhanyayo limi endaweni eyodwa, lingandanga esikhumbeni, kodwa lishabalele, kusele iguludla lesibazi; umphristi uyakusho ukuthi uhlambulukile, ngoba yisibazi sokusha.
29 “Uma owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda, noma esilevini,
30 umphristi uyakusihlola isifo; uma sibonakala sishonile kunesikhumba noboya bubuncane kuso, izinwele zimpofana, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: ngumuna, wuchoko lwekhanda noma lwesilevu.
31 Uma umphristi esihlola isifo somuna, sibonakala singashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kuso, khona umphristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa.
32 Ngosuku lwesikhombisa umphristi uyosihlola isifo; uma singandile futhi kungekho zinwele ezimpofu kuso, isifo sibonakala singashonile kunesikhumba,
33 uyakuphuca izinwele, kodwa akayukuwuphuca umuna, umphristi uyomvalela onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa.
34 Ngosuku lwesikhombisa uyomhlola onomuna. Uma umuna ungandanga esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, umphristi uyakumemezela ukuthi uhlambulukile. Uyohlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.
35 Kepha uma umuna wandile esikhumbeni emveni kokuba esehlambulukile,
36 umphristi uyobuye amhlole. Uma umuna ubhebhethekile esikhumbeni, umphristi akayukuzihlupha abheke izinwele ezimpofu; lowo ungcolile.
37 Kodwa uma ebona ukuthi umuna uwuhlolile, umile, awandi, sekumile nezinwele ezimnyama kuwo, usupholile, uhlambulukile; ngakho-ke umphristi uyomemezela ukuthi uhlambulukile.
38 “Uma owesilisa noma owesifazane eba namabala akhanyayo esikhumbeni sakhe, amabala amhlophe akhanyayo,
39 umphristi uyomhlola. Uma amabala akhanyayo asesikhumbeni sakhe emhloshana efiphele, yisithembuzane esimmilile, uhlambulukile.
40 “Uma umuntu elahlekelwa yizinwele ekhanda, eba yimpandla; uhlambulukile.
41 Uma elahlekelwa yizinwele zisuka ebunzini nasenhlafunweni, uyimpandla ebunzini kodwa uhlambulukile.
42 Kepha uma ekhanda eliyimpandla noma empandleni esesiphongweni kukhona isifo esibomvana ngokumhlophe, wuchoko lolo olumile empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe,
43 umphristi uyakumhlola; uma iguludla elikhulayo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, lifana nesifo sochoko esikhumbeni sakhe,
44 unochoko; ungcolile; umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile; isifo sisekhanda lakhe.
45 “Umuntu onesifo sochoko ziyakuklejulwa izingubo zakhe, ikhanda lakhe linganakwa, awamboze amadevu, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’
46 Ungcolile ngaso sonke isikhathi. Uyohlala yedwa endlini yakhe engaphandle kwenkambu.
47 “Ingubo esinindeke ngesifo sochoko, noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni,
48 noma ngabe sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba,
49 uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kusho ukuthi yisifo sochoko, siyakukhonjiswa umphristi.
50 Umphristi uyakusihlola isifo, akuvalele konke lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa,
51 uyobuye ayosihlola isifo ngosuku lwesikhombisa. Uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma esikhumbeni, nakuba isikhumba sisetshenziswa noma kumuphi umsebenzi; isifo siluchoko olubi.
52 Uyoyishisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma yini yesikhumba enesifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.
53 “Uma umphristi ehlole isifo, wathola ukuthi asandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba;
54 umphristi uyoyala ukuba kuhlanzwe lokho okunesifo, kuvalelwe ezinye izinsuku eziyisikhombisa.
55 Umphristi uyobuye akuhlole emveni kokuhlanzwa kwesifo. Uma ibala lingaguqukile embaleni walo, lingandile, ingcolile, uyoyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma ngaphakathi noma ngaphandle.
56 Uma umphristi eselihlolile ibala, wathola ukuthi selifiphele emveni kokuba lihlanziwe, uyakuliklebhula engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo.
57 Uma lisabonakala futhi engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, uyokushisa ngomlilo lokho isifo esisavela kukho.
58 Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma yini yesikhumba uyakuyihlanza, uma ibala lisuka kuyo, kuyohlanzwa okwesibili, kuhlambuluke.”
59 Lena yindlela yomthetho eyakulandelwa esifeni sochoko engutsheni yoboya bezimvu noma kweyelineni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, ukumemezela ukuthi kuhlambulukile noma kungcolile.