Leviticus 12
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwe azale umntwana womfana uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini, uyoba ngongcolile.
3 Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.
4 Unina uyohlala izinsuku ezingama-33 ukuze ahlanjululwe ekopheni kwakhe. Akayukuthinta lutho olungcwele, noma angene endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe.
5 Kodwa uma ezale intombazane, uyobe engcolile amasonto amabili njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini. Isikhathi sokuhlambuluka kwakhe egazini siyoba yizinsuku ezingama-66.
6 “ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.
7 Umphristi uyokunikela phambi kukaSimakade, amenzele ukubuyisana, ukuze ahlambuluke ekopheni kwakhe. Yilowo umthetho wozele umfana noma intombazane.
8 “ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”