Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Leviticus 11

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi kubo:
2 “Khulumani kubantu bakwa-Israyeli, nithi: ‘Phakathi kwazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni, nazi eningazidla:
3 zonke ezinezinselo ezehlukene, izinselo ezehlukene kabili, nezetshisayo emfuyweni, niyakuzidla.
4 ‘Kepha phakathi kwalezo ezetshisayo noma ezinselo zehlukene, aniyukuzidla lezi ezilandelayo: ikameli noma nje nalo letshisa, kodwa alinazo izinselo ezehlukene; lingcolile kini;
5 imbila, nakuba nayo yetshisa, kodwa ayinazo izinselo ezehlukene; ingcolile kini;
6 unogwaja uyetshisa, kodwa awunazo izinselo ezehlukene; ungcolile kini;
7 nengulube nakuba inselo yayo yehlukene, inselo ihlukene kabili, kodwa ayetshisi; ingcolile kini.
8 Aniyukuyidla inyama yazo, futhi aniyukuzithinta izidumbu zazo; zingcolile kini.
9 ‘Lezi niyakuzidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinezigwedlo namazenga ezisemanzini, nezisolwandle nasemifuleni, niyakuzidla.
10 Kepha zonke ezingenazigwedlo namazenga ezisolwandle nasemifuleni, nazo zonke ezitshuza emanzini, nakho konke okuphila emanzini kungamanyala kini.
11 Ziyoba yisinengiso kini; aniyukuyidla inyama yazo; nezilwane ezifile niyozithatha njengezinengekayo kini.
12 Zonke ezisemanzini ezingenazigwedlo namazenga ziyinto enengekayo kini.
13 ‘Nazi eziyakuba yisinengiso kini ezinyonini; aziyukudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, inqe, ingqungqulu,
14 unhloyile, uheshe ngezinhlobo zakhe,
15 nawo wonke amagwababa ngezinhlobo zawo,
16 intshe, inkovana, inkanu, uklebe ngezinhlobo zakhe,
17 isikhova, umphishamanzi, umxwagele,
18 ifukezi, ivuba, iphalane,
19 unogolantethe, unozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, uziningweni, nelulwane.
20 ‘Zonke izinambuzane ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.
21 Kepha lezi kuzo zonke izinambuzane ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, niyakuzidla, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo ezigxuma ngazo emhlabeni;
22 kuzo niyodla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, amaboni ngezinhlobo zawo, amadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
23 Kodwa zonke ezinye izinambuzane ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.
24 ‘Niyakungcoliswa yizo, kuthi bonke abathinta izidumbu zazo babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
25 Bonke abathwala izilwane ezifile bayakuhlanza izingubo zabo, futhi babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
26 ‘Zonke izilwane ezinezinselo ezehlukene inselo, zingehlukene kabili, futhi zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.
27 Zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
28 Othwala isidumbu saso uyohlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.
29 ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwane ezihuquzelayo emhlabeni: uchakide, impuku, uxamu ngezinhlobo zakhe,
30 isigcilikisha, isiquzi, intulo, isibankwa, nonwabu.
31 Zonke lezi zilwane zingcolile kini phakathi kwezilwane ezihuquzelayo; oyothinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kube kusihlwa.
32 Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.
33 Uma esinye sazo siwela ezitsheni, konke okukuzo kuyoba ngokungcolileyo, niyakusiphahlaza isitsha.
34 Konke ukudla okuzodliwa okukuzo kuyakuba ngokungcolileyo uma kuthintwe ngamanzi avela esitsheni esinjalo, nanoma yimaphi amanzi anokuphuzwa ayoba ngangcolileyo, uma evela esitsheni esinjalo.
35 Konke okuwele kukho okwesidumbu saso kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; kuyophohlozwa; kungcolile futhi kuyohlala kungcolile kini.
36 Umthombo, umthombokwakhiwa, nepitsi kuyakuba ngokuhlambulukile, nokho okutholakala kunezilwane ezifile kukho kuyakuba ngokungcolile.
37 Uma ingxenye yesidumbu saso iwela phezu kwembewu ebekelwe ukuyohlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.
38 Uma amanzi ethelwa embewini, bese ingxenye yesidumbu saso iwela phezu kwayo, ingcolile kini.
39 ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta leyo ngcuba uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.
40 Odla ingcuba makahlambulule izingubo zakhe, uyoba ngongcolile kuze kuhlwe. Othwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
41 ‘Zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; azinakudliwa.
42 Zonke ezihuquzela ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngezinyawo eziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, aniyukuzidla, ngokuba ziyisinengiso.
43 Ningazenzi isinengiso ngenxa yezilwane ezinwabuzelayo. Ningazingcolisi ngazo, bese niba ngabangcolile.
44 NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.
45 NginguSimakade owakukhuphula eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.
46 ‘Lena yindlela yomthetho elandelwayo ngezilwane nezinyoni nezilwane zonke ezitshuza emanzini, nezilwane zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,
47 ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcolileyo nokuhlanzekileyo, naphakathi kokuphilayo okungadliwa nalokho okungedliwe.’