Jude 12020

1UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.

2Umusa nothando nokuthula makuphindwaphindwe kini.

3Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.

4Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.

5Kepha ngithanda ukunikhumbuza, nanxa nikwazi konke lokhu ukuthi iNkosi isisikhululile isizwe eGibhithe, emveni kwalokho yabhubhisa labo abangakholwanga.

6Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.

7NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.

8Ngokunjalo, nalaba abaphuphayo banukubeza imizimba yabo, futhi baphika ubukhosi, bahlambalaze nezidalwa ezingcwele.

9Kepha lapho uMikhayeli, ingelosi enkulu ephikisana nosathane, bebanga isidumbu sikaMose, akalokothanga wakhuluma okubi ngaye, kodwa wathi: “INkosi mayikusole.”

10Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda.

11Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.

12Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.

13Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.

14U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo,

15ukubehlulela bonke nokujezisa yonke imiphefumulo ngenxa yemisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu, abayenze ngokungahloniphi, nangawo wonke amazwi anesihluku abawakhuluma ngaye; lezi yizoni ezimbi.”

16Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.

17Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe kini phambilini ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Khristu.

18Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola.

19Yibo laba abadala ukwahlukana bengabemvelo, bengenaye uMoya.

20Kepha nina bathandekayo zakheni, nigxile ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,

21nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.

22Nibahawukele abanye abangabazayo.

23Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.

24Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.

25Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Jude 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.