Revelation 12020

1Isambulo sikaJesu Khristu uNkulunkulu amnika sona ukuba akhombise izinceku zakhe izinto ezizokwenzeka masinyane. Wathumela ingelosi yakhe ukuba iyikhombise inceku yakhe uJohane,

2owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona.

3Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.

4UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,

5nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,

6wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.

7Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

8“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”

9Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.

10NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,

11lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”

12Ngaphenduka ukuba ngibone leli lizwi elalikhuma nami. Sengiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa.

13Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.

14Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, nanjengeqhwa, amehlo akhe enjengamalangabi omlilo.

15Izinyawo zakhe zazifana nethusi elikhazimula sengathi lisesithandweni somlilo, izwi lakhe linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.

16Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.

17Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,

18nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.

19“Ngakho-ke loba lokhu okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emuva kwalokho.

20Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Revelation 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.