1Ilunga, kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso.
2Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile.
3Ngathokoza kakhulu ngesikhathi kufika abazalwane, befakaza ngokwethembeka kwakho eqinisweni, njengalokhu uhamba kulo.
4Ayikho intokozo eyedlula leyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
5Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi.
6Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.
7Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe.
8Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
9Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli.
10Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.
11Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
12UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.
13Bengisenokuningi ebenginganilobela ngakho, kodwa angithandi ukukubhala ngoyinki nosiba.
14Kepha ngiyethemba ukuthi ngizakunibona masinyane, sikhulume ubuso nobuso.
15Ukuthula makube nawe. Bayakhonza kuwe abazalwane, nawe khonza kubo bonke abazalwane abalapho, ubagagule ngamagama.