2 John 12020

1Ilunga, kuye owesifazane okhethiweyo nakubantwana bakhe, engibathanda ngokweqiniso; hhayi mina ngedwa, kodwa bonke abalaziyo iqiniso;

2ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade.

3Umusa, isihawu nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Khristu iNdodana kaYise ngokweqiniso nangothando, kuzakuba nathi.

4Ngithokozile kakhulu, ukuthi ngitholile ukuthi abanye babantwana bakho bahamba eqinisweni, njengokomyalo esiwamukele kuBaba.

5Kepha manje ngiyakunxusa nkosikazi, kungekungathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni owokuba sithandane.

6Uthando yilolu-ke, ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe. Yilo umyalo, njengalokho nawuzwa kwasekuqaleni, okumelwe sihambe ngawo.

7Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.

8Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.

9Lowo oweqisayo, engemi esifundisweni sikaKhristu, akanaye uNkulunkulu; kodwa ohlezi esifundisweni, unaye uYise neNdodana.

10Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.

11Ngokuba ombingelelayo uyobe uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.

12Kuningi ebenginokunilobela ngakho, kodwa angithandanga ukukuloba ephepheni ngoyinki. Ngiyethemba ukuthi ukuza kwami kini, ngikhulume nani bukhoma, kuyokwenza ukuthokoza kwethu kuphelele.

13Bayakhonza kuwe abantwana bakadadewenu okhethiweyo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for 2 John 1.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.