Job 82020

1Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:

2“Kuyoze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

3Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?

4Uma abantwana bakho bonile kuye, wabanikela emandleni eziphambeko zabo.

5Kuyothi lapho umfuna uNkulunkulu, umnxusa uSomandla,

6uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.

7Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.

8Ake ubuze manje ngezizukulwane ezakwandulelayo, uqaphele okwatholwa ngokhokho bazo,

9ngoba thina singabayizolo nje, asinalwazi; izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.

10Bona abayukukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo na?

11Umhlanga ungahluma yini lapho kungenaxhaphozi khona na? Ibhuma lingamila yini kungekho amanzi na?

12Uma liseluhlaza, lingakakhiwa, liyabuna phambi kwabo bonke utshani.

13“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.

14Ithemba lakhe liyakunqunywa, nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.

15Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyukuma; uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.

16Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyenaba ensimini yakhe.

17Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe, zikhule phakathi kwamatshe.

18Uma ebhujiswa endaweni yakhe, iyakumphika ithi: ‘Angikaze ngikubone.’

19Bheka, lokho kuyindlela yakhe yokuthokoza. Kusazovela omunye othulini.

20“Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici, akayukuzibamba izandla zabenza okubi,

21aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka, nezindebe zakho ngenhlokomo yokwethaba.

22Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 8.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.