Job 72020

1“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?

2Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,

3kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo, ngamiselwa ubusuku benhlupheko.

4Nxa ngilala ngithi: ‘Ngiyovuka nini na?’ Ubusuku bude, kuze kuse ngibinyabinyeka.

5Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli. Isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.

6“Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.

7Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.

8Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho.

9Njengokuba ifu linyamalala lingabe lisaba bikho, unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.

10Akasayukubuyela endlini yakhe, indawo yakhe ayisayukumazi.

11“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.

12Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na?

13Lapho ngithi: “Umbhede wami uzongiduduza, icansi lami lingithwalise ukukhononda kwami,

14uyangesabisa ngamaphupho, ungethuse ngemibono,

15ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba.

16Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

17Uyini umuntu ukuba umenze abe mkhulu, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,

18nokuba umhambele njalo ekuseni, umhlole imizuzu ngemizuzu na?

19Kuyoze kube nini ungawasusi amehlo akho kimi na? Ngiyeke ngize ngigwinye isikhwehlela sami.

20Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?

21Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 7.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.