Job 7
1 “Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?
2 Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,
3 kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo, ngamiselwa ubusuku benhlupheko.
4 Nxa ngilala ngithi: ‘Ngiyovuka nini na?’ Ubusuku bude, kuze kuse ngibinyabinyeka.
5 Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli. Isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.
6 “Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.
7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.
8 Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho.
9 Njengokuba ifu linyamalala lingabe lisaba bikho, unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.
10 Akasayukubuyela endlini yakhe, indawo yakhe ayisayukumazi.
11 “Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.
12 Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na?
13 Lapho ngithi: “Umbhede wami uzongiduduza, icansi lami lingithwalise ukukhononda kwami,
14 uyangesabisa ngamaphupho, ungethuse ngemibono,
15 ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba.
16 Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
17 Uyini umuntu ukuba umenze abe mkhulu, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18 nokuba umhambele njalo ekuseni, umhlole imizuzu ngemizuzu na?
19 Kuyoze kube nini ungawasusi amehlo akho kimi na? Ngiyeke ngize ngigwinye isikhwehlela sami.
20 Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
21 Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”