Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 9

:
Zulu - 2020
1 UJobe wayesephendula ethi:
2 “Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na?
3 Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4 Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
5 Yena ogudluza izintaba, zingazi, Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,
6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo,
7 oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi,
8 oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle,
9 owenza iNdonsa, iKhwezi, iSilimela, iSicelankobe noMthala oseningizimu,
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11 Bheka, uyedlula ngakimi, ngingaboni, uyedlula, kodwa ngingamuzwa.
12 Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’
13 “UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe; bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.
14 Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?
15 Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula, kufanele ngicele umusa kumehluleli wami.
16 Uma bengimbizile wase engiphendula, angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.
17 Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho, wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.
18 Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu.
19 Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?
20 Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
21 Ngimsulwa, kodwa angizazi, ngiyakuzonda ukuphila kwami.
22 Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi: ‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’
23 Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma, uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.
24 Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?
25 “Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.
26 Zitshuza njengesikebhe somhlanga, nanjengokhozi luphuthuma ukudla kwalo.
27 Uma ngithi: ‘Ngizokhohlwa ngukukhononda, ngizoyeka ukunyukubala, ngithakase,’
28 nokho ngiyabesaba bonke ubuhlungu bami, ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.
29 Mina ngizolahlwa ngecala, pho kungani ngikhandlekela ize na?
30 Noma ngingageza ngamanzi eqhwa, ngihlanze izandla zami ngensipho,
31 nokho uyakungicwilisa emgodini, nginengwe yizingubo zami.
32 Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.
33 Akukho mlamuli phakathi kwethu, ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili, asilamule.
34 Makayisuse induku yakhe kimi, nengebhe yakhe ingangesabisi,
35 khona ngiyokhuluma ngingamesabi, ngoba angiyikho lokhu okucatshwangwa ngami.”