Job 42
1 UJobe wayesemphendula uSimakade, wathi:
2 “Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.
3 Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi na? Ngikukhulumile lokho engingakuqondiyo, izinto ezinkulu kunami engingazaziyo.
4 “Ake ulalele, kukhuluma mina, ngiyakubuza, wena ngiphendule.
5 Ngezwa ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kodwa manje iso lami selikubonile,
6 ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”
7 Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.
8 Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”
9 U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.
10 USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.
12 USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
13 Waba namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
14 Wayiqamba indodakazi yokuqala wathi nguJemima, eyesibili wathi nguKheziya, eyesithathu wayibiza ngokuthi nguKhereni Haphukhi.
15 Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo.
16 Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
17 UJobe wafa esemdala, esenelisekile yizinsuku zokuphila.