Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 1

:
Zulu - 2020
1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,
2 kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.
3 Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
4 Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.
5 Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
6 Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.