Job 40
1 USimakade waqhubeka wamphendula uJobe, wathi:
2 “Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
3 UJobe wamphendula uSimakade, wathi:
4 “Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.
5 Ngikhulumile kanye, angisayukuphendula, yebo, kabili, kepha angisaqhubeki.”
6 USimakade wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.
8 Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?
9 Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?
10 Zihlobise ngobukhosi nangokuhlonipheka, wembathe udumo nenkazimulo.
11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12 Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.
13 Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni efihlakeleyo.
14 Khona ngiyakuvuma kuwe ukuthi yisandla sakho sokunene kuphela esingasindisa.”
15 “Ake ubheke uBhehemothi engamenza kanye nawe, udla utshani njengenkabi.
16 Bheka-ke, amandla akhe asokhalo lwakhe, nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17 Uqinisa umsila wakhe njengomsedari, imisipha yamathanga akhe iphothene.
18 Amathambo akhe ayimibhobho yethusi, izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19 Ungowokuqala wemisebenzi kaNkulunkulu, nguMenzi wakho kuphela ongasondela kukho ngenkemba.
20 Ngokuba izintaba ziveza ukudla, lapho izilwane zasendle zingqabashiya khona.
21 Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi, ezindaweni ezisithekile, emhlangeni nasemaxhaphozini.
22 Izihlahla ezinomthunzi zimsitha ngomthunzi wazo, azungezwe yiminyezane esemfuleni.
23 Bheka, ngisho umfula ugola izintethe, akethuki, uyazethemba, noma ngabe iJordani idla izindwani.
24 Ukhona yini ongambamba ebhekile, amcuphe ngonoxhaka, abhoboze ikhala lakhe na?”