Job 402020

1USimakade waqhubeka wamphendula uJobe, wathi:

2“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”

3UJobe wamphendula uSimakade, wathi:

4“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.

5Ngikhulumile kanye, angisayukuphendula, yebo, kabili, kepha angisaqhubeki.”

6USimakade wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:

7“Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.

8Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?

9Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?

10Zihlobise ngobukhosi nangokuhlonipheka, wembathe udumo nenkazimulo.

11Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.

12Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.

13Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni efihlakeleyo.

14Khona ngiyakuvuma kuwe ukuthi yisandla sakho sokunene kuphela esingasindisa.”

15“Ake ubheke uBhehemothi engamenza kanye nawe, udla utshani njengenkabi.

16Bheka-ke, amandla akhe asokhalo lwakhe, nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.

17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari, imisipha yamathanga akhe iphothene.

18Amathambo akhe ayimibhobho yethusi, izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

19Ungowokuqala wemisebenzi kaNkulunkulu, nguMenzi wakho kuphela ongasondela kukho ngenkemba.

20Ngokuba izintaba ziveza ukudla, lapho izilwane zasendle zingqabashiya khona.

21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi, ezindaweni ezisithekile, emhlangeni nasemaxhaphozini.

22Izihlahla ezinomthunzi zimsitha ngomthunzi wazo, azungezwe yiminyezane esemfuleni.

23Bheka, ngisho umfula ugola izintethe, akethuki, uyazethemba, noma ngabe iJordani idla izindwani.

24Ukhona yini ongambamba ebhekile, amcuphe ngonoxhaka, abhoboze ikhala lakhe na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 40.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.