Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 39

:
Zulu - 2020
1 “Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na?
2 Ungazibala yini izinyanga zokumitha kwazo, wazi nokuthi zizozala nini na?
3 Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo, zikhululeke lapho sezizele.
4 Amazinyane azo ayaqina, akhulela endle, ahambe, angabe esaphindela kuzo.
5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo,
6 wenza ihlane laba yindlu yayo, nezwe likasawoti, indawo yayo yokuhlala na?
7 Iyawuhleka umsindo ovela emzini, ayikuzwa ukumemeza komshayeli.
8 Iyahamba ezintabeni eziyidlelo layo, ifuna lonke uhlaza.
9 “Inyathi ingavuma yini ukukusebenzela, ihlale ebusuku emkhombeni wakho na?
10 Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime, noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?
11 Ungayethemba yini, ngoba amandla ayo emakhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo na?
12 Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?
13 “Intshe iphaphazela kamnandi ngamaphiko, kodwa ngabe yizimpaphe namaphiko othando na?
14 Ishiya amaqanda ayo emhlabathini, afudunyezwe wuthuli.
15 Iyakhohlwa wukuthi unyawo lungawachoboza, nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16 Iwaphatha ngesihluku amazinyane ayo, kube sengathi akusiwo awayo, ayesabi ukuthi umshikashika wayo ungase ube yize.
17 UNkulunkulu uyenze ukuba ikhohlwe ngukuhlakanipha, akayabelanga ukuqonda.
18 Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19 “Nguwe yini onika ihhashi amandla, wembathise intamo yalo ngomhlwenga oyephuzelayo na?
20 Nguwe yini olenza ligxume njengesikhonyane na? Ukuthimula kwalo okukhulu kuyesabeka.
21 Liphanda esigodini, liyathokoza ngamandla alo, liyaphuma libhekane ngqo nempi.
22 Ingebhe liyihleka usulu, alesabi lutho, alihlehli phambi kwenkemba.
23 Umgodla uyakhehlezela, kubenyezele umkhonto nengcula.
24 Ngendluzula nangolaka, ligabavula kakhulu, alivinjwa wukukhala kwecilongo.
25 Uma kukhala icilongo, lithi: ‘Nakho-ke;’ impi liyihogela isekude, nomsindo wabakhuzi bayo neziqubulo zempi.
26 “Ngabe kungokuhlakanipha kwakho yini uklebe endiza, elulele amaphiko akhe ngaseningizimu na?
27 Ukhozi lundizela phezulu yini ngenxa yokusho kwakho, lisakhe lapho phezulu isidleke salo na?
28 Luhlala esiweni, lwakhe khona, iwa edwaleni liyinqaba yalo.
29 Luthi lulapho lube luhlola ukudla kwalo, amehlo alo akubona kukude.
30 Amazinyane alo aphuza igazi; lapho kukhona okubulewe, nalo lukhona.”