Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 38

:
Zulu - 2020
1 USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi:
2 “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na?
3 Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.
4 Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.
5 Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?
6 Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi,
7 lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?
8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini,
9 ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,
10 nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha,
11 ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?
12 “Selokhu waba khona, sewake wakuyala yini ukusa, wenza intathakusa iyazi indawo yayo,
13 ukuze ibambe amagumbi omhlaba, izikhohlakali zivuthululwe kuwo na?
14 Uguquka njengobumba lophawu lokusicilela, ludayiwe njengesembatho.
15 Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.
16 “Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi ezinzulwini zalo na?
17 Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na?
18 Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na? Yisho uma ukwazi konke lokho.
19 “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama na? iphi indawo yabo,
20 ukuze ukuyise endaweni yakho, uqonde imikhondo yendlu yakho na?
21 Angithi uyakwazi, ngokuba wawusuzelwe, nomumo wemihla yakho mkhulu na?
22 “Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho
23 engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi na?
24 Iphi indlela eya lapho ukukhanya kuhlakazwa khona, nalapho umoya wasempumalanga uhlakazekela khona emhlabeni na?
25 Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi, umsele nonyazi lokuduma, indlela,
26 ukunisa imvula ezweni elingahlalwa muntu, nasehlane elingenamuntu,
27 ukusuthisa ihlane kwahlongasibi nokuhlumisa uhlaza na?
28 Ukhona yini uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
29 Iqhwa liphuma esiswini sikabani, nesithwathwa sizalwa ngubani na?
30 Amanzi ayaqina abe njengetshe, ubuso botwa bube yiqhwa.
31 “Ungawabopha yini amaketanga eSilimela, uthukulule izintambo zeMpambano na?
32 Ungazikhipha yini izinkanyezi ngesikhathi sazo, uhole uMthala nohoye lwezinkanyezi zawo na?
33 Uyazazi yini izimiso zasezulwini? Ungazibekela yini umthetho wokubusa kwazo emhlabeni na?
34 “Ungamemeza yini kuze kuzwakale emafini, ukuze izikhukhula zikusibekele na?
35 Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe, bese ithi kuwe: ‘Bheka, silapha’ na?
36 Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?
37 Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,
38 lapho uthuli luphenduka isigaxa, namagabade anamathelane na?
39 “Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,
40 lapho elala emiphandwini yawo, noma ecuthe ehlozini na?
41 Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”