Job 382020

1USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi:

2“Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na?

3Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.

4Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.

5Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?

6Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi,

7lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?

8“Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini,

9ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,

10nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha,

11ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?

12“Selokhu waba khona, sewake wakuyala yini ukusa, wenza intathakusa iyazi indawo yayo,

13ukuze ibambe amagumbi omhlaba, izikhohlakali zivuthululwe kuwo na?

14Uguquka njengobumba lophawu lokusicilela, ludayiwe njengesembatho.

15Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.

16“Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi ezinzulwini zalo na?

17Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na?

18Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na? Yisho uma ukwazi konke lokho.

19“Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama na? iphi indawo yabo,

20ukuze ukuyise endaweni yakho, uqonde imikhondo yendlu yakho na?

21Angithi uyakwazi, ngokuba wawusuzelwe, nomumo wemihla yakho mkhulu na?

22“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho

23engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi na?

24Iphi indlela eya lapho ukukhanya kuhlakazwa khona, nalapho umoya wasempumalanga uhlakazekela khona emhlabeni na?

25Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi, umsele nonyazi lokuduma, indlela,

26ukunisa imvula ezweni elingahlalwa muntu, nasehlane elingenamuntu,

27ukusuthisa ihlane kwahlongasibi nokuhlumisa uhlaza na?

28Ukhona yini uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na?

29Iqhwa liphuma esiswini sikabani, nesithwathwa sizalwa ngubani na?

30Amanzi ayaqina abe njengetshe, ubuso botwa bube yiqhwa.

31“Ungawabopha yini amaketanga eSilimela, uthukulule izintambo zeMpambano na?

32Ungazikhipha yini izinkanyezi ngesikhathi sazo, uhole uMthala nohoye lwezinkanyezi zawo na?

33Uyazazi yini izimiso zasezulwini? Ungazibekela yini umthetho wokubusa kwazo emhlabeni na?

34“Ungamemeza yini kuze kuzwakale emafini, ukuze izikhukhula zikusibekele na?

35Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe, bese ithi kuwe: ‘Bheka, silapha’ na?

36Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?

37Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,

38lapho uthuli luphenduka isigaxa, namagabade anamathelane na?

39“Ungalizingelela yini ibhubesi, impango, usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,

40lapho elala emiphandwini yawo, noma ecuthe ehlozini na?

41Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 38.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.