1“Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela, isuke endaweni yayo.
2Lalelani, nizwe ukuduma kwezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3Ukuthumela phansi kwezulu lonke, unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.
4Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma, uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi, akalunqandi unyazi uma kuzwakala izwi lakhe.
5UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
6Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
7Ubeka uphawu ezandleni zabantu ukuze bonke abantu bayazi imisebenzi yakhe.
8Izilwane zibuyela ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
9Isikhwishikhwishi siphuma engosini yaso, namakhaza avela emoyeni ohlabayo.
10Ngokuphefumula kukaNkulunkulu, kuvela ungqoqwane namanzi ngobuningi bawo, abe yiqhwa.
11Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama, awendlale amafu onyazi lwakhe,
12ayazungeza, ajikeleze njengalokhu ewaqondisa, ukuze akufeze konke awayale khona ebusweni bomhlaba,
13noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa, noma umhlaba wakhe, noma ngothando, uyakuvumela ukuba kwenzeke.
14“Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.
15Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwashayela kanjani umthetho, enze unyazi lwakhe lubanize emafini na?
16Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,
17wena ozembatho zakho zifudumele, lapho umhlaba uthule ngenxa yeshisandlu na?
18Ungaseneka yini isibhakabhaka njengaye, siqine njengesibuko esibunjiweyo na?
19Sifundise esiyakukusho kuye, asinakulubeka udaba lwethu, ngenxa yokuthi sidukuza oswini.
20Angatshelwa yini uNkulunkulu ukuthi ngizokhuluma na? Ukhona yini ongathi ufuna ukubhujiswa na?
21Abantu abazukuwubona umbani emafini ngoba umoya sewedlulile, selicwathile.
22Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide, uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
24Ngakho-ke abantu bayamesaba, kodwa akabagqizi qakala abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”