Job 37
1 “Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela, isuke endaweni yayo.
2 Lalelani, nizwe ukuduma kwezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3 Ukuthumela phansi kwezulu lonke, unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.
4 Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma, uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi, akalunqandi unyazi uma kuzwakala izwi lakhe.
5 UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
6 Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
7 Ubeka uphawu ezandleni zabantu ukuze bonke abantu bayazi imisebenzi yakhe.
8 Izilwane zibuyela ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
9 Isikhwishikhwishi siphuma engosini yaso, namakhaza avela emoyeni ohlabayo.
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu, kuvela ungqoqwane namanzi ngobuningi bawo, abe yiqhwa.
11 Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama, awendlale amafu onyazi lwakhe,
12 ayazungeza, ajikeleze njengalokhu ewaqondisa, ukuze akufeze konke awayale khona ebusweni bomhlaba,
13 noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa, noma umhlaba wakhe, noma ngothando, uyakuvumela ukuba kwenzeke.
14 “Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.
15 Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwashayela kanjani umthetho, enze unyazi lwakhe lubanize emafini na?
16 Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,
17 wena ozembatho zakho zifudumele, lapho umhlaba uthule ngenxa yeshisandlu na?
18 Ungaseneka yini isibhakabhaka njengaye, siqine njengesibuko esibunjiweyo na?
19 Sifundise esiyakukusho kuye, asinakulubeka udaba lwethu, ngenxa yokuthi sidukuza oswini.
20 Angatshelwa yini uNkulunkulu ukuthi ngizokhuluma na? Ukhona yini ongathi ufuna ukubhujiswa na?
21 Abantu abazukuwubona umbani emafini ngoba umoya sewedlulile, selicwathile.
22 Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide, uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23 USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
24 Ngakho-ke abantu bayamesaba, kodwa akabagqizi qakala abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”