Job 362020

1U-Elihu waqhubeka wathi:

2“Ngibekezelele kancane, ngizokukhombisa, ngokuba ngisenamazwi okumela uNkulunkulu.

3Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga.

4Impela ayikho inkohliso emazwini ami; onolwazi olupheleleyo unawe.

5“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.

6Akazigcini izigilamkhuba ziphila, kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa.

7Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.

8Uma beboshwa ngamaketango, babanjwe yizintambo zokuhlupheka,

9lapho uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo ukuthi baziphakamisile.

10Uyazivula izindlebe zabo ukuze zizwe ukuyalwa, abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo.

11Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.

12Kepha uma bengalaleli, bayobhubha ngenkemba, bafe bengenalwazi.

13“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka, abakhali bacele usizo lapho ebabopha.

14Bafa besebasha, ukuphila kwabo kuphelele ehlazweni.

15Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

16“Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho.

17Kepha wena uhluphekile ngokuthi izikhohlakali ziyakujeziswa yini; ukwehlulela nobulungiswa kuyokwenziwa.

18Qaphela ingcebo, ingakuyengi, ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo.

19Ukuceba kwakho, nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho, kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na?

20Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu bebhujiswa ezindaweni zabo.

21Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.

22“UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?

23Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na? Ngubani ongathi: ‘Wenze okungalungile’ na?

24Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.

25Bonke abantu bayibonile, bonke bayibukela kude.

26Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi, ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.

27“Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe.

28Amafu uwenza aconse, awathululele phezu kwabantu abaningi.

29Ukhona yini ongakuqonda ukuthi amafu uweneke kanjani, nokuduma kwedokodo lakhe na?

30Umbani wakhe uyawusabalalisa umzungeze, amboze izisekelo zolwandle.

31Ngokuba ngalokho ubusa abantu, abaphe ukudla okuningi.

32Usibekela izandla zakhe ngombani, awuyale ukuba ushaye inkololo.

33Ukuduma kwawo kulanda ngaye, isiphepho sibikezela ngolaka lwakhe.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 36.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.