1U-Elihu wakhuluma wathi:
2“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’
3uthi: ‘Kungisiza ngani na?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza uma bengingonanga na?’
4“Ngizoniphendula mina, wena nabangani bakho.
5Bheka ezulwini, ubone, uqaphele ukuthi amafu angaphezu kwakho.
6Uma wona, wenzani kuye na? Uma wenza iziphambeko eziningi kwenzani kuye lokho na?
7Uma ulungile, utholani yena ngalokho, uzuzani esandleni sakho na?
8Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.
9“Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.
10Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.
11Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’
12Abantu akabaphenduli uma bekhala, ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.
13Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize, uSomandla akakugqizi qakala.
14Kakhulu kangakanani uma uthi awuboni, nokuthi icala liphambi kwakhe, wena ulindele Yena!
15Kepha manje, ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi, akazinaki kakhulu iziphambeko,
16uJobe uvula umlomo wakhe, akhulume okuyize, wandisa amazwi engenalwazi.”