Job 342020

1U-Elihu wayeseqhubeka ethi:

2“Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, ningilalele nina enaziyo.

3Ngokuba indlebe iyawahlunga amazwi, njengalokhu ulwanga lunambitha ukudla.

4Masizikhethele thina okulungile, sikubone thina okuhle.

5Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile, kodwa uNkulunkulu ungephuce ilungelo lami.

6Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’

7Ngumuphi umuntu onjengoJobe, ophuza ukungcofwa njengamanzi,

8ohamba engumshungu nezikhohlakali, ahambe nababi na?

9Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’

10“Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.

11Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, enze bazuze yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.

12Impela uNkulunkulu akakwenzi okubi, uSomandla akabuhlanekezeli ubulungiswa.

13Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?

14Uma ebeyakuzibheka Yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,

15bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.

16“Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele amazwi engiwakhulumayo.

17Imbala ozonda ubulungiswa uyakubusa yini na? Uyakumlahla yini olungileyo nonamandla,

18othi enkosini: ‘Awuyinto yalutho,’ nasezikhulwini athi: ‘Niyizikhohlakali,’

19ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.

21“Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.

22Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.

23Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.

24Uyabaphahlaza abanamandla, engaphenyanga, abeke abanye ezikhundleni zabo.

25Ngalokho uyayazi imisebenzi yabo, uyabaqumba phansi ebusuku, baphahlazwe.

26Uyabashaya njengezikhohlakali kubona bonke abantu,

27ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.

28Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.

29Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,

30ukuze kungabusi muntu ongenankulunkulu, angabi wugibe kubantu.

31“Ukhona yini oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngethweswe icala noma ngingonanga.

32Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’

33Uyakuphindisela ngokuthanda kwakho yini, njengoba usenqaba isifundiso sami na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, hhayi mina; khuluma okwaziyo.

34“Abantu abanokuqonda bayothi kimi, yebo, nezihlakaniphi ezingizwayo, ziyothi:

35‘UJobe ukhuluma engenalwazi, amazwi akhe awanangqondo.’

36Sengathi uJobe angavivinywa njalo, ngokuba uphendula njengezikhohlakali.

37Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya izandla phakathi kwethu, akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 34.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.