Job 34
1 U-Elihu wayeseqhubeka ethi:
2 “Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, ningilalele nina enaziyo.
3 Ngokuba indlebe iyawahlunga amazwi, njengalokhu ulwanga lunambitha ukudla.
4 Masizikhethele thina okulungile, sikubone thina okuhle.
5 Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile, kodwa uNkulunkulu ungephuce ilungelo lami.
6 Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’
7 Ngumuphi umuntu onjengoJobe, ophuza ukungcofwa njengamanzi,
8 ohamba engumshungu nezikhohlakali, ahambe nababi na?
9 Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’
10 “Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, enze bazuze yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akakwenzi okubi, uSomandla akabuhlanekezeli ubulungiswa.
13 Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?
14 Uma ebeyakuzibheka Yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15 bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.
16 “Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele amazwi engiwakhulumayo.
17 Imbala ozonda ubulungiswa uyakubusa yini na? Uyakumlahla yini olungileyo nonamandla,
18 othi enkosini: ‘Awuyinto yalutho,’ nasezikhulwini athi: ‘Niyizikhohlakali,’
19 ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.
21 “Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.
22 Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
23 Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.
24 Uyabaphahlaza abanamandla, engaphenyanga, abeke abanye ezikhundleni zabo.
25 Ngalokho uyayazi imisebenzi yabo, uyabaqumba phansi ebusuku, baphahlazwe.
26 Uyabashaya njengezikhohlakali kubona bonke abantu,
27 ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.
28 Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.
29 Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
30 ukuze kungabusi muntu ongenankulunkulu, angabi wugibe kubantu.
31 “Ukhona yini oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngethweswe icala noma ngingonanga.
32 Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’
33 Uyakuphindisela ngokuthanda kwakho yini, njengoba usenqaba isifundiso sami na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, hhayi mina; khuluma okwaziyo.
34 “Abantu abanokuqonda bayothi kimi, yebo, nezihlakaniphi ezingizwayo, ziyothi:
35 ‘UJobe ukhuluma engenalwazi, amazwi akhe awanangqondo.’
36 Sengathi uJobe angavivinywa njalo, ngokuba uphendula njengezikhohlakali.
37 Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya izandla phakathi kwethu, akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”