Job 332020

1“Kepha manje, Jobe, ake ungilalele, yizwa amazwi ami.

2Ngivula umlomo wami, ulimi lwami luyakhuluma.

3Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.

4UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.

5Ngiphendule, uma ukwazi, hlela amazwi akho phambi kwami, ume ubhekane nami.

6Bheka, phambi kukaNkulunkulu ngifana nawe nje, nami ngibunjwe ngodongwe.

7Ungesabi ungangenwa ngamanzi emadololweni, nesandla sami asizukuba nzima phezu kwakho.

8“Impela ukhulumile, ngizizwela ngezami izindlebe, ngawezwa amazwi owashilo.

9Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko, ngilungile, akukho okubi kimi.

10Uthole amathuba okumelana nami, ungishaya isitha sakhe.

11Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphe zonke izinyathelo zami.’

12“Kulokhu awukhulumanga kahle. Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

13Kungani uqagulisana naye, ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.

14Empeleni, uNkulunkulu ukhuluma ngendlela eyodwa, noma ezimbili, nokho umuntu akakunaki lokho.

15Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,

16khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe,

17ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe, ashabalalise ukuzidla kumuntu.

18Umphefumulo wakhe awuphephise egodini, nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.

19Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe, nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.

20Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla akade ekufisa.

21Umzimba wakhe uyancunzeka, uphele emehlweni, amathambo akhe akade engabonakali ahlale obala.

22Umphefumulo wakhe usondela egodini, nempilo yakhe, kubabulali.

23“Uma bekungaba khona ingelosi, ummeli abe munye enkulungwaneni, obeyothi lo muntu ulungile,

24uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi: ‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’

25isikhumba sakhe sibe njengesomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,

26khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.

27Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.

28Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’

29“Konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kumuntu kabili, yebo, nakathathu,

30ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.

31Yizwa Jobe, ngilalele, thula, mina ngizakukhuluma.

32Uma unamazwi, ngiphendule, khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.

33Uma ungenawo, ngilalele, thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 33.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.