Job 33
1 “Kepha manje, Jobe, ake ungilalele, yizwa amazwi ami.
2 Ngivula umlomo wami, ulimi lwami luyakhuluma.
3 Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.
4 UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5 Ngiphendule, uma ukwazi, hlela amazwi akho phambi kwami, ume ubhekane nami.
6 Bheka, phambi kukaNkulunkulu ngifana nawe nje, nami ngibunjwe ngodongwe.
7 Ungesabi ungangenwa ngamanzi emadololweni, nesandla sami asizukuba nzima phezu kwakho.
8 “Impela ukhulumile, ngizizwela ngezami izindlebe, ngawezwa amazwi owashilo.
9 Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko, ngilungile, akukho okubi kimi.
10 Uthole amathuba okumelana nami, ungishaya isitha sakhe.
11 Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphe zonke izinyathelo zami.’
12 “Kulokhu awukhulumanga kahle. Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13 Kungani uqagulisana naye, ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14 Empeleni, uNkulunkulu ukhuluma ngendlela eyodwa, noma ezimbili, nokho umuntu akakunaki lokho.
15 Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,
16 khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe,
17 ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe, ashabalalise ukuzidla kumuntu.
18 Umphefumulo wakhe awuphephise egodini, nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.
19 Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe, nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.
20 Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla akade ekufisa.
21 Umzimba wakhe uyancunzeka, uphele emehlweni, amathambo akhe akade engabonakali ahlale obala.
22 Umphefumulo wakhe usondela egodini, nempilo yakhe, kubabulali.
23 “Uma bekungaba khona ingelosi, ummeli abe munye enkulungwaneni, obeyothi lo muntu ulungile,
24 uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi: ‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’
25 isikhumba sakhe sibe njengesomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,
26 khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.
27 Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.
28 Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’
29 “Konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kumuntu kabili, yebo, nakathathu,
30 ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.
31 Yizwa Jobe, ngilalele, thula, mina ngizakukhuluma.
32 Uma unamazwi, ngiphendule, khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.
33 Uma ungenawo, ngilalele, thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”