Job 32
1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukuphendulana noJobe ngoba wayengolungileyo emehlweni akhe.
2 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.
3 Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala.
4 U-Elihu wayelindile ukuba akhulume noJobe ngoba laba babebadala kunaye.
5 Kepha lapho ebona u-Elihu ukuthi akukho mpendulo evela emilonyeni yalawo madoda amathathu, wathukuthela.
6 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi wakhuluma, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; yingakho bengikhathazekile, nginamahloni, ngesaba ukunitshela okusemqondweni wami.
7 Ngathi: ‘Makukhulume asebenezinsuku, abaneminyaka eminingi mabafundise ngokuhlakanipha.’
8 Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.
9 Akusibo abadala abahlakaniphileyo, nabaqonda okulungile.
10 “Ngakho-ke ngithi ngilaleleni, nami ngibeke olwami uvo.
11 Bhekani, ngiwalalele amazwi enu, ngabeka indlebe ekuqondeni kwenu, lapho niphumputha eniyakukusho.
12 Nginilalele ngesineke, bhekani, akukho noyedwa phakathi kwenu omthethisile uJobe, nowaphendulile amazwi akhe.
13 Maningasho ukuthi: ‘Sikutholile ukuhlakanipha, uNkulunkulu angamehlula, hhayi umuntu.’
14 Amazwi akhe akawaqondisanga kimi, angizukumphendula ngokushiwo yinina.
15 “Bakhungathekile, baphelelwe ngamazwi, akukho lutho abangalusho.
16 Nami ngibalinde yini, njengoba bengasho lutho na? Bamile laphaya, abasaphenduli.
17 Nami sengizophendula, ngibeke olwami uvo.
18 Ngiphuphuma amazwi ngaphakathi; umoya wami uyangiqhubezela.
19 Bhekani, isisu sami sifana newayini elingakavulwa, njengezimvaba zewayini ezintsha, zilungele ukuqhuma.
20 Mangikhulume ukuze ngikhululeke, mangivule izindebe zami, ukuze ngiphendule.
21 Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,
22 ngokuba angikwazi ukuthopha; kungenjalo, uMenzi wami angangibhubhisa masinyane.”