Job 312020

1“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?

2Kanti siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu kweliphezulu, nefa ebeliyakuphuma kuSomandla ekuphakameni na?

3Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?

4Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?

5“Uma ngihambe ngokukhohlakala, nonyawo lwami lusheshile ukuya enkohlakalweni,

6mangilinganiswe esilinganisweni esilungileyo, ukuze uNkulunkulu abuvume ubuqotho bami.

7Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,

8mangitshale, kudle omunye, impela mazisishulwe izithelo zami.

9“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngacutha emnyango womakhelwane wami,

10umkami makagayele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.

11Ngokuba lokho kuyichilo, necala elifanele ukujeziswa;

12lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.

13“Uma ngingalumelanga udaba lwesigqila sami sesilisa noma sesifazane lapho sikhononda ngami,

14ngiyokwenzenjani lapho uNkulunkulu esukuma na? Lapho engiphenya, ngiyophendula ngithini na?

15Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?

16“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17ngaludla ngedwa ucezu lwami lwesinkwa, ngayincisha intandane,

18ngokuba kusukela ebusheni bami ngayikhusela intandane njengoyise, kwasesiswini sikamame ngingumholi wabafelokazi,

19uma ngibona obhubhayo ngenxa yokweswela isembatho, noma ontulayo engenakho okokwembatha,

20umzimba wakhe ungangithokozisi; engafudunyezwanga ngoboya bezimvu zami,

21uma ngiphakamisele intandane isandla ngoba ngibona ukuthi nginabalandeli esangweni,

22uma kunjalo ihlombe lami malihleshulwe esiphangeni, nengalo yami yephulwe enkothweni yayo.

23Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.

24“Uma igolide ngilenze ithemba lami, ngathi egolideni elicwengekile: ‘Ngethemba wena;’

25uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu nangukuthi isandla sami siyizuzile;

26uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nokuthi inyanga ihamba icwazimula,

27inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,

28nalokho kuyisono esimele ukujeziswa, ngokuba bengizobe ngimphikile uNkulunkulu phezulu.

29“Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo, ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,

30kodwa angiwuvumelanga umlomo wami ukuba wone ngokucela impilo yakhe ngokuyiqalekisa.

31Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’

32Abafokazi abalalanga emgwaqweni, ngayivula iminyango yami,

33uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu, ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

34ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokwedelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, nokho angiphumanga emnyango.

35Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!

36Impela, bengiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophele kimi njengomqhele wami,

37ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengenkosi.

38“Uma umhlaba wami ukhonondile ngami, nemisele ekuwo yakhala kanyekanye;

39uma izithelo zawo engizidlile ngingazikhokhelanga, ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;

40makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 31.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.