Job 31
1 “Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?
2 Kanti siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu kweliphezulu, nefa ebeliyakuphuma kuSomandla ekuphakameni na?
3 Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?
4 Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?
5 “Uma ngihambe ngokukhohlakala, nonyawo lwami lusheshile ukuya enkohlakalweni,
6 mangilinganiswe esilinganisweni esilungileyo, ukuze uNkulunkulu abuvume ubuqotho bami.
7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,
8 mangitshale, kudle omunye, impela mazisishulwe izithelo zami.
9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngacutha emnyango womakhelwane wami,
10 umkami makagayele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.
11 Ngokuba lokho kuyichilo, necala elifanele ukujeziswa;
12 lokho kungumlilo oqothula kuze kube sekubhujisweni, uyosiphula yonke inzuzo yami.
13 “Uma ngingalumelanga udaba lwesigqila sami sesilisa noma sesifazane lapho sikhononda ngami,
14 ngiyokwenzenjani lapho uNkulunkulu esukuma na? Lapho engiphenya, ngiyophendula ngithini na?
15 Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?
16 “Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
17 ngaludla ngedwa ucezu lwami lwesinkwa, ngayincisha intandane,
18 ngokuba kusukela ebusheni bami ngayikhusela intandane njengoyise, kwasesiswini sikamame ngingumholi wabafelokazi,
19 uma ngibona obhubhayo ngenxa yokweswela isembatho, noma ontulayo engenakho okokwembatha,
20 umzimba wakhe ungangithokozisi; engafudunyezwanga ngoboya bezimvu zami,
21 uma ngiphakamisele intandane isandla ngoba ngibona ukuthi nginabalandeli esangweni,
22 uma kunjalo ihlombe lami malihleshulwe esiphangeni, nengalo yami yephulwe enkothweni yayo.
23 Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.
24 “Uma igolide ngilenze ithemba lami, ngathi egolideni elicwengekile: ‘Ngethemba wena;’
25 uma ngathokoziswa ngukuba nengcebo enkulu nangukuthi isandla sami siyizuzile;
26 uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nokuthi inyanga ihamba icwazimula,
27 inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,
28 nalokho kuyisono esimele ukujeziswa, ngokuba bengizobe ngimphikile uNkulunkulu phezulu.
29 “Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo, ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,
30 kodwa angiwuvumelanga umlomo wami ukuba wone ngokucela impilo yakhe ngokuyiqalekisa.
31 Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’
32 Abafokazi abalalanga emgwaqweni, ngayivula iminyango yami,
33 uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu, ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
34 ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokwedelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, nokho angiphumanga emnyango.
35 Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!
36 Impela, bengiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophele kimi njengomqhele wami,
37 ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengenkosi.
38 “Uma umhlaba wami ukhonondile ngami, nemisele ekuwo yakhala kanyekanye;
39 uma izithelo zawo engizidlile ngingazikhokhelanga, ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;
40 makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.