Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 30

:
Zulu - 2020
1 “Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.
2 Ngingazuzani emandleni ezandla zabo, njengoba sebentekenteke na?
3 Bondile ngenxa yokweswela nangendlala, sebeququda okomileyo, nomhlabathi oliqwaqwasi,
4 bakha imifino ebabayo ehlozini, badle amagonsi.
5 Bayaxoshwa emphakathini, abantu bamemeza emva kwabo sengathi kusemva kwamasela.
6 Bahlala ezigodini ezesabekayo, emihumeni nasemaweni.
7 Babhonga phakathi kwezihlahla, babuthane phansi kwembabazane,
8 bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.
9 “Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa, impela sengiyisaga sabo.
10 Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11 Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.
12 Ngakwesokunene sami, kuvuke uquqaba lwangihlasela, lwangenza ngabaleka; lufuna ukungibhubhisa.
13 Luvimba endleleni yami ukuze luzuze ngokubhujiswa kwami, akukho namunye oluvimbayo.
14 Lungithelekela ngokungathi, kuvuleke isikhala esikhulu phakathi kwencithakalo.
15 Ngikhungethwe yingebhe; udumo lwami luxoshwa sengathi lupheshulwa ngumoya, impumelelo yami inyamalele njengefu.
16 “Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.
17 Ubusuku bugwaza amathambo ami awohloke kimi; nobuhlungu obungidlayo abupheli.
18 Ngamandla akhe amakhulu, ubambe ingubo yami, ungibambe ngentamo yesembatho sami.
19 Ungiphonse odakeni, sengifana nothuli nomlotha.
20 “Ngikhala kuwe, kodwa awungiphenduli, ngimi lapha, kepha awunginaki.
21 Usungiphendukele, waba nonya kimi; uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho.
22 Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23 Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.
24 “Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo lapho esekuhluphekeni, ekhala ecela usizo.
25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?
26 Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27 Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, azithuli; ngihlangabezana nezinsuku zosizi.
28 Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.
29 Sengingumfowabo wamakhanka, nomngani wezintshe.
30 Isikhumba sami sesimnyama, siyaxebuka; amathambo ami ayavutha ngukushisa.
31 Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.”