Job 302020

1“Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.

2Ngingazuzani emandleni ezandla zabo, njengoba sebentekenteke na?

3Bondile ngenxa yokweswela nangendlala, sebeququda okomileyo, nomhlabathi oliqwaqwasi,

4bakha imifino ebabayo ehlozini, badle amagonsi.

5Bayaxoshwa emphakathini, abantu bamemeza emva kwabo sengathi kusemva kwamasela.

6Bahlala ezigodini ezesabekayo, emihumeni nasemaweni.

7Babhonga phakathi kwezihlahla, babuthane phansi kwembabazane,

8bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.

9“Manje sengiphenduke ingoma yabo yokubhinqa, impela sengiyisaga sabo.

10Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe.

11Ngokuba uNkulunkulu ungishiye ngingavikelekile, wangithobisa, sebenza noma yini abayifisayo kimi.

12Ngakwesokunene sami, kuvuke uquqaba lwangihlasela, lwangenza ngabaleka; lufuna ukungibhubhisa.

13Luvimba endleleni yami ukuze luzuze ngokubhujiswa kwami, akukho namunye oluvimbayo.

14Lungithelekela ngokungathi, kuvuleke isikhala esikhulu phakathi kwencithakalo.

15Ngikhungethwe yingebhe; udumo lwami luxoshwa sengathi lupheshulwa ngumoya, impumelelo yami inyamalele njengefu.

16“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.

17Ubusuku bugwaza amathambo ami awohloke kimi; nobuhlungu obungidlayo abupheli.

18Ngamandla akhe amakhulu, ubambe ingubo yami, ungibambe ngentamo yesembatho sami.

19Ungiphonse odakeni, sengifana nothuli nomlotha.

20“Ngikhala kuwe, kodwa awungiphenduli, ngimi lapha, kepha awunginaki.

21Usungiphendukele, waba nonya kimi; uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho.

22Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu.

23Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.

24“Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo lapho esekuhluphekeni, ekhala ecela usizo.

25Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?

26Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.

27Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, azithuli; ngihlangabezana nezinsuku zosizi.

28Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.

29Sengingumfowabo wamakhanka, nomngani wezintshe.

30Isikhumba sami sesimnyama, siyaxebuka; amathambo ami ayavutha ngukushisa.

31Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 30.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.