Job 29
1 UJobe wabuye waqhubeka nenkulumo yakhe, wathi:
2 “Sengathi ngabe nginjengasezinyangeni ezedlule, nanjengasezinsukwini lapho uNkulunkulu ayengiqaphile,
3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
4 njengoba nganginjalo ezinsukwini zobunsizwa bami, lapho ubukhona bukaNkulunkulu babuphezu kwethende lami,
5 lapho uSomandla esenami, nabantwana bami besangizungezile,
6 lapho izinyathelo zami zazigezwa ezaqheqheni, nedwala elaliseduze kwami lalingithelela imifula yamafutha.
7 “Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
8 izinsizwa zazingibona maqede zicashe, izimpunga zisukume zime,
9 izikhulu ziyeke ukukhuluma, zibeke izandla zazo emilonyeni,
10 izwi lezikhulu lalithuliswa, ulimi lwazo lunamathele olwangeni.
11 Indlebe engizwayo, yayithi ngibusisiwe, neso elingibonayo lingifakazela,
12 ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo, nezintandane ezingenamsizi.
13 Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.
14 Ngembatha ukulunga, kwaba njengesembatho kimi, ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
15 Ngaba ngamehlo abayizimpumputhe nezinyawo zabayizinyonga.
16 Ngaba nguyise wabantulayo, ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.
17 Ngayifahlaza imihlathi yongalungile, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18 “Ngase ngithi: ‘Ngizofela emzini wami; izinsuku zami ngizandise zibe ngangesihlabathi.
19 Impande yami iyokwenabela emanzini, kulale amazolo egatsheni lami ubusuku bonke;
20 udumo lwami luba lusha njalo, nomnsalo wami wenziwe musha esandleni sami.’
21 “Abantu bebengilalela, balinde, bathule cwaka, balalele iseluleko sami.
22 Uma sengikhulumile kwakungaphinde kukhulume muntu, amazwi ami ayeconsela phezu kwabo njengamazolo.
23 Babengilindela njengemvula, bakhamise imilomo yabo njengonxanele imvula yasentwasahlobo.
24 Ngabahleka bangakholwa, ukuchachamba kobuso bami abakuqedanga.
25 Ukuba ngangikhethe izindlela zabo, ngangizohlala ngingumholi, nginjengenkosi phakathi kwamabutho, njengoduduza abalilayo.”