Job 282020

1“Impela ikhona imayini yesiliva, nendawo okucwengwa kuyo igolide.

2Insimbi imbiwa emhlabathini, netshe lincibilikiswe libe yithusi.

3Abavukuzi bayabuqeda ubumnyama, bacingisise amatshe emajukujukwini nasesigayegayeni sobumnyama.

4Bamba umgodi wemayini kude nalapho kuhlala khona abantu, lapho lungakaze lubhadwe muntu khona, behla bejikajika belenga kude nabantu.

5Emhlabeni kuvela ukudla, kodwa phansi kwawo uyaphendulwa njengomlilo.

6Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.

7Leyo ndlela ayaziwa yinqe, neso likaheshane alikaze liyibone.

8Izilo ezinkulu azikaze zihambe ngayo, nebhubesi alikaze ledlule kuyo.

9Welula isandla sakhe phezu kwetshe lensengetsha, agumbuqele izintaba, kusukela ezimpandeni zazo.

10Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe likubona konke okuyigugu.

11Uvimba imifula ingaconsi, akukhiphele ekukhanyeni okufihlakeleyo.

12“Kepha kutholakalaphi ukuhlakanipha na? Ikuphi indawo yokuqonda na?

13Umuntu akayazi intengo yakho, akutholakali ezweni labaphilayo.

14Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’

15Akunakuzuzwa ngegolide, intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

16Ayinakulinganiswa negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu nesafire.

17Igolide nengilazi akunakulinganiswa nakho, akunakushintshaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.

18Akunakukhulunywa ngekhorali nangekhristalu, intengo yobuhlakani ingaphezu kweyamarubhi.

19Ithophazi laseKhushe alinakuqhathaniswa nakho, kungelingane negolide elicwengekileyo.

20“Kuvela kuphi ukuhlakanipha na? indawo yokuqonda ikuphi na?

21Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe nasezinyonini zezulu.

22Ukubhubha nokufa, kuthi: ‘Nathi ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’

23UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho, uyayazi indawo yakho.

24Ngokuba nguye owabeka imikhawulo yomhlaba, ubona konke okuphansi kwezulu.

25Ngesikhathi enika umoya isisindo sawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso zawo,

26lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lwezulu indlela,

27khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.

28Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 28.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.