Job 28
1 “Impela ikhona imayini yesiliva, nendawo okucwengwa kuyo igolide.
2 Insimbi imbiwa emhlabathini, netshe lincibilikiswe libe yithusi.
3 Abavukuzi bayabuqeda ubumnyama, bacingisise amatshe emajukujukwini nasesigayegayeni sobumnyama.
4 Bamba umgodi wemayini kude nalapho kuhlala khona abantu, lapho lungakaze lubhadwe muntu khona, behla bejikajika belenga kude nabantu.
5 Emhlabeni kuvela ukudla, kodwa phansi kwawo uyaphendulwa njengomlilo.
6 Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.
7 Leyo ndlela ayaziwa yinqe, neso likaheshane alikaze liyibone.
8 Izilo ezinkulu azikaze zihambe ngayo, nebhubesi alikaze ledlule kuyo.
9 Welula isandla sakhe phezu kwetshe lensengetsha, agumbuqele izintaba, kusukela ezimpandeni zazo.
10 Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe likubona konke okuyigugu.
11 Uvimba imifula ingaconsi, akukhiphele ekukhanyeni okufihlakeleyo.
12 “Kepha kutholakalaphi ukuhlakanipha na? Ikuphi indawo yokuqonda na?
13 Umuntu akayazi intengo yakho, akutholakali ezweni labaphilayo.
14 Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’
15 Akunakuzuzwa ngegolide, intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.
16 Ayinakulinganiswa negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu nesafire.
17 Igolide nengilazi akunakulinganiswa nakho, akunakushintshaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.
18 Akunakukhulunywa ngekhorali nangekhristalu, intengo yobuhlakani ingaphezu kweyamarubhi.
19 Ithophazi laseKhushe alinakuqhathaniswa nakho, kungelingane negolide elicwengekileyo.
20 “Kuvela kuphi ukuhlakanipha na? indawo yokuqonda ikuphi na?
21 Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe nasezinyonini zezulu.
22 Ukubhubha nokufa, kuthi: ‘Nathi ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’
23 UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho, uyayazi indawo yakho.
24 Ngokuba nguye owabeka imikhawulo yomhlaba, ubona konke okuphansi kwezulu.
25 Ngesikhathi enika umoya isisindo sawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso zawo,
26 lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lwezulu indlela,
27 khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.
28 Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”