1Kwase kuphendula uBhilidadi, umShuhi, wathi:
2“Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?
4Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?
5Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.
6Kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu nje, nendodana yomuntu eyisibungu na?”