Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 25

:
Zulu - 2020
1 Kwase kuphendula uBhilidadi, umShuhi, wathi:
2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3 Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?
4 Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?
5 Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.
6 Kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu nje, nendodana yomuntu eyisibungu na?”