Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 24

:
Zulu - 2020
1 “Kungani ukuba izikhathi zokwehlulela zingagcinwa nguSomandla, futhi kungani labo abamaziyo bengaziboni lezo zinsuku zakhe na?
2 Abantu bagudluza izikhonkwane zemingcele, baphange imihlambi, bayiklabise.
3 Bathumba imbongolo yentandane, bathathe inkomo yomfelokazi ibe yisibambiso.
4 Basusa abantulayo emgwaqweni, bonke abampofu bomhlaba bayacasha ndawonye.
5 Bheka, njengezimbongolo ehlane, bayahamba beya emsebenzini wabo, bedabula ehlane, befunela abantwana babo ukudla.
6 Bayavuna ifoliji ensimini, bayakhothoza esivinini sesikhohlakali.
7 Balala nqunu ebusuku bengenangubo, abanakho okokwembatha emakhazeni.
8 Banethwe yimvula ezintabeni, babambelela edwaleni ngoba bengenayo indawo yokuphephela.
9 Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso.
10 Bahamba nqunu bengenazembatho, bathwale izithungo, belambile.
11 Bakhama amafutha phakathi kwezingange, banyathela izikhamo zewayini, kepha bomile.
12 Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.
13 “Kukhona abamelene nokukhanya, abangazibandakanyi nezindlela zakho, abanganamatheli emikhondweni yakho.
14 Umbulali uvuka ngovivi, abulale ompofu nontulayo; ebusuku ufana nesela.
15 Iso lesiphingi lilindela ukuhlwa, lithi: ‘Akukho liso elisazakungibona,’ bese sizemboza ubuso.
16 Ngobumnyama bagqekeza imizi, emini bazivalele, abakwazi ukukhanya.
17 Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.
18 “Banejubane ebusweni bamanzi, izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni, abasayukuphendukela endleleni yezivini.
19 Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa; yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo kulabo abonileyo.
20 Isibeletho siyabakhohlwa, basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa, ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.
21 Balimaza oyinyumba, abakwenzi okuhle kumfelokazi.
22 UNkulunkulu uyazandisa izinsuku zokuphila kwamaqhawe ngamandla akhe, uyasukuma lapho kungasekho osenethemba lokuphila.
23 Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.
24 Bayaphakanyiswa okwesikhashana, babuye bashabalale; bayabuna, banqunywe njengamazimba.
25 “Uma kungenjalo ngubani ongakhombisa ukuthi ngingumqambimanga, awenze ize amazwi ami na?”