Job 23
1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.
3 Sengathi ngabe ngiyazi ukuthi ngizomthola kuphi, ukuze ngifike endaweni yakhe.
4 Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.
5 Bengiyakuwazi amazwi abeyokungiphendula ngawo, ngikuqonde abezokusho kimi.
6 Ubeyakuphikisana nami yini ngamandla akhe amakhulu na? Qha, ubeyongilalela.
7 Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
8 Kepha uma ngiya phambili, akekho lapho, uma ngiya emuva, angimboni
9 ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni; ujikela ngakwesokunene, kepha angimboni.
10 “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.
11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.
13 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.
14 Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.
15 Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.
16 UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami. uSomandla ungethusile,
17 Angibhujiswanga phambi kwesigayegaye, nakuba okumnyama kungisibekele.”