Job 232020

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu; isandla sami sinzima, nakuba ngibubula.

3Sengathi ngabe ngiyazi ukuthi ngizomthola kuphi, ukuze ngifike endaweni yakhe.

4Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.

5Bengiyakuwazi amazwi abeyokungiphendula ngawo, ngikuqonde abezokusho kimi.

6Ubeyakuphikisana nami yini ngamandla akhe amakhulu na? Qha, ubeyongilalela.

7Olungileyo ubengaphikisana naye, mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.

8Kepha uma ngiya phambili, akekho lapho, uma ngiya emuva, angimboni

9ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni; ujikela ngakwesokunene, kepha angimboni.

10“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.

11Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.

12Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.

13“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.

14Uyakukufeza lokho angiqokele khona; nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.

15Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.

16UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami. uSomandla ungethusile,

17Angibhujiswanga phambi kwesigayegaye, nakuba okumnyama kungisibekele.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 23.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.