Job 262020

1UJobe waphendula, wathi:

2“Umsize kanjani ongenamandla na? Wayisindisa kanjani ingalo engenamandla na?

3Umeluleke kanjani ongahlakaniphile na? Wamnika izeluleko ezinhle kangakanani ongenakuqonda na?

4Usizwe ngubani ukuba usho lawo mazwi? Uwafunzwe ngubani uze ukhulume kanjena na?

5“Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi, nakho konke okuhlala kuwo.

6Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.

7Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni.

8Ubopha amanzi emafini akhe, ifu alidabuki phansi kwawo.

9Usibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi, aneke ifu lakhe phezu kwaso.

10Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi, sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.

11Izinsika zezulu ziyathuthumela, zethuswa ngukukhuza kwakhe.

12Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.

13Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa; isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.

14Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 26.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.