Job 20
1 UZofari, umNahama, waphendula, wathi:
2 “Imicabango yami engihluphayo ingenza ngishe amashushu ngokukuphendula, ngenxa yokuba ngikhathazeke kakhulu.
3 Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo, kodwa manje umoya wami wokuqonda ungenza ngiphendule.
4 “Awazi yini lokhu ukuthi kusukela emandulo, lapho kubekwa abantu emhlabeni,
5 ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?
6 Noma ukuphakama kwakhe kungakhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelele emafini,
7 uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’
8 Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.
9 Iso elimbonile alisayukuphinde limbone, nendawo yakhe ayisayukumbona.
10 Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu, izandla zabo ziwubuyisele kubo umcebo wakhe.
11 Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye.
12 “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe, ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13 noma ebugodla engabushiyi, ebugcina emlonyeni wakhe,
14 nokho ukudla kwakhe kuyomphendukela esiswini, kube ngubuthi bezimfezi ezibilini zakhe.
15 Umcebo awugwinyile, uyobuye awuhlanze, nguNkulunkulu oyakuwukhipha esiswini sakhe.
16 Uncela isihlungu sezimfezi, abulawe wulimi lwenyoka.
17 Akayukuyibuka imifula nemifudlana egeleza uju nezaqheqhe.
18 Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi, akayukujabula ngempahla ayitholileyo.
19 Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.
20 “Ngokuba akakwazi ukuthula ngaphakathi kwakhe, kulokho akufisayo akuphumeleli lutho.
21 Akusalanga lutho angaludlanga, ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.
22 Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.
23 UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.
24 Uyakubalekela isikhali sensimbi, kodwa agwazwe ngumnsalo wethusi.
25 Uwubhoncula uphume ngasemhlane, awubone ubengezela igazi lakhe, maqede akhungathwe yingebhe.
26 Ubumnyama obupheleleyo buyakuba phezu komcebo wakhe wonke, umlilo ongavuthelwanga muntu uyakumqothula, okuseleyo ethendeni lakhe kushe kungqongqe.
27 Izulu liyoveza obala isiphambeko sakhe, umhlaba umelane naye.
28 Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.
29 Lesi yisabelo somuntu okhohlakele, esivela kuNkulunkulu, nefa alimiselwe nguNkulunkulu.”