Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 21

:
Zulu - 2020
1 UJobe waphendula, wathi:
2 “Walaleleni ngokucophelela amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.
3 Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma, ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.
4 “Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na? Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?
5 Ngibhekeni, nishaqeke, nibambe ongezansi.
6 Uma ngikhumbula lokhu, ngiyaphazamiseka, ukwesaba kuhlasimulise umzimba wami.
7 Kungani izikhohlakali ziphila, zize zibe zindala, yebo, zidlondlobale zibe namandla na?
8 Abantwana bazo bekhula bamiswe phambi kwazo, nozalo lwazo, phambi kwamehlo azo.
9 Izindlu zazo zivikelekile, akukho ukwesaba kuzo; uswazi lukaNkulunkulu alukho phezu kwazo.
10 Inkunzi yazo iyakhwela, kayiphuthi; inkomazi yazo iyazala, kayiphunzi.
11 Zikhipha amankonyane azo njengomhlambi; abantwana bazo bayatshakadula.
12 Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngomsindo womtshingo.
13 Ziphetha imihla yazo ngokuhle, zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14 Nokho zithe kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.
15 USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani uma sikhuleka kuye na?’
16 Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo; izeluleko zezikhohlakali zikude nami.
17 “Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali sicinywa khona, zehlelwe yinhlekelele, zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?
18 Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ukubekele abantwana bazo ukukhohlakala kwazo, kodwa makabuphindisele kuzo uqobo, ukuze zikwazi.
20 Mazikubone ukubhubha kwazo ngamehlo azo, ziphuze intukuthelo kaSomandla.
21 Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho, lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
22 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi, Yena owehlulela abaphakemeyo na?
23 “Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.
24 Umzimba wakhe unonophele, umnkantsha wamathambo akhe ucebile.
25 Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engakaze adle okuhle.
26 Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze.
27 Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.
28 Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’
29 Anibabuzanga yini abadlula ngendlela? Anibamukeli yini ubufakazi babo
30 bokuthi omubi uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele, nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?
31 Ngubani oyakumtshela kwezikabhoqo ngendlela yakhe na? Ngubani oyakuphindisela ngalokho akwenzileyo na?
32 Uyakuyiswa ethuneni, kube khona olinda elibeni.
33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakumlandela njengokuba bengenakubalwa nababephambi kwakhe.
34 “Pho ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso yodwa na?”