Job 192020

1UJobe wayesephendula, ethi:

2“Kuyoze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningihlifiza ngamazwi na?

3Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.

4Uma impela ngonile, ukona kwami kuhleli kimi.

5Uma impela niyozikhukhumeza ngaphezu kwami, niphikisana nami ngehlazo lami,

6yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.

7Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.

8Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.

9Uluhlubulile udumo lwami kimi, wasusa umqhele ekhanda lami.

10Ungidilizele phansi nxazonke, ngaphela nya, ithemba lami ulisiphule njengesihlahla.

11Ungivuthele ngentukuthelo yakhe, wangithatha njengesitha sakhe.

12Amabutho akhe atheleke kanyekanye, angizungeza ngemigoqo yokuhlasela, akanisa nxazonke zethende lami.

13“Uqhelisele kude abafowethu, abazana nami bangihlubuka impela.

14Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.

15Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangenza umfokazi, sengingowezizwe emehlweni abo.

16Uma ngibiza inceku yami, ayisabeli, sekuyimina engiyincenga ngomlomo wami.

17Umoya wami uyanuka kumkami, sebeyanengwa yimi, ngisho nabantwana esaphuma nabo siswini sinye kumame.

18Sengedelelwa ngisho nayizingane, uma ngivuka, zikhuluma kabi ngami.

19Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.

20Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.

21Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.

22Ningihluphelani njengalokhu noNkulunkulu enza na? Anisuthi yini yinyama yami na?

23“Sengathi amazwi ami angalotshwa phansi! Sengathi amazwi ami abengaqoshwa emqulwini,

24aqoshwe edwaleni ngosiba lwensimbi nomthofu, ukuze ahlale ingunaphakade!

25Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.

26Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.

27Ngiyakumbona mina uqobo lwami, amehlo ami ayakumbona, hhayi njengomfokazi, umphefumulo wami uqhilika injabulo uma ngicabanga ngalokho.

28Uma nithi: ‘Siyakumhlupha kanjani!’ bese nithi: ‘Umongo wendaba ukuye,’

29yesabeni nina uqobo inkemba, ngokuba ulaka lungolweziphambeko ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwehlulela kukhona.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 19.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.