Job 19
1 UJobe wayesephendula, ethi:
2 “Kuyoze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningihlifiza ngamazwi na?
3 Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.
4 Uma impela ngonile, ukona kwami kuhleli kimi.
5 Uma impela niyozikhukhumeza ngaphezu kwami, niphikisana nami ngehlazo lami,
6 yazini-ke ukuthi nguNkulunkulu owenze okubi kimi, wangigubuzela ngenetha lakhe.
7 Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.
8 Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.
9 Uluhlubulile udumo lwami kimi, wasusa umqhele ekhanda lami.
10 Ungidilizele phansi nxazonke, ngaphela nya, ithemba lami ulisiphule njengesihlahla.
11 Ungivuthele ngentukuthelo yakhe, wangithatha njengesitha sakhe.
12 Amabutho akhe atheleke kanyekanye, angizungeza ngemigoqo yokuhlasela, akanisa nxazonke zethende lami.
13 “Uqhelisele kude abafowethu, abazana nami bangihlubuka impela.
14 Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.
15 Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangenza umfokazi, sengingowezizwe emehlweni abo.
16 Uma ngibiza inceku yami, ayisabeli, sekuyimina engiyincenga ngomlomo wami.
17 Umoya wami uyanuka kumkami, sebeyanengwa yimi, ngisho nabantwana esaphuma nabo siswini sinye kumame.
18 Sengedelelwa ngisho nayizingane, uma ngivuka, zikhuluma kabi ngami.
19 Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
20 Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.
21 Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.
22 Ningihluphelani njengalokhu noNkulunkulu enza na? Anisuthi yini yinyama yami na?
23 “Sengathi amazwi ami angalotshwa phansi! Sengathi amazwi ami abengaqoshwa emqulwini,
24 aqoshwe edwaleni ngosiba lwensimbi nomthofu, ukuze ahlale ingunaphakade!
25 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.
26 Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.
27 Ngiyakumbona mina uqobo lwami, amehlo ami ayakumbona, hhayi njengomfokazi, umphefumulo wami uqhilika injabulo uma ngicabanga ngalokho.
28 Uma nithi: ‘Siyakumhlupha kanjani!’ bese nithi: ‘Umongo wendaba ukuye,’
29 yesabeni nina uqobo inkemba, ngokuba ulaka lungolweziphambeko ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwehlulela kukhona.”