Job 162020

1UJobe waphendula, wathi:

2“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi.

3Awukho yini umkhawulo emazwini ayize na? Ucunulwa yini ukuze ungiphendule na?

4Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.

5Benginganikhuthaza ngomlomo, induduzo yezindebe zami idambise izinhlungu zenu.

6“Uma ngikhuluma, ubuhlungu bami abuyukudanjiswa, nalapho ngithula, bungakanani obusukayo kimi na?

7Nokho manje uNkulunkulu ungikhathazile, yonke indlu yami uyenze incithakalo.

8Ungibambile, lokhu kungubufakazi, ukuzaca kwami kumile kungubufakazi phambi kwami.

9Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela, ungiququdela amazinyo, isitha sami singihlahlela amehlo.

10Bangikhamisela imilomo, bengiklolodela, bangishaya esihlathini, bengigcona, bayangihlanganyela.

11UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.

12Ngangihlezi kahle, wangiphihliza, ungibambe ngentamo, wangiphahlaza, ungimise ngaba yinkololo yakhe.

13Abacibishelayo bakhe bangihaqile, uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo, inyongo yami uyichithe emhlabathini.

14Ungishaya ephindelela, ungidumela njengeqhawe.

15“Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami; ngabeka amandla ami othulini.

16Ubuso bami buklwele babomvu ngukukhala, kunobumnyama obukhulu ezinkopheni zami,

17nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.

18Mhlaba, uze ungaligqibi igazi lami, ukukhala kwami makungayitholi indawo yokuphumula.

19Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

20Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,

21ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu, njengomuntu ekhulumela umngani wakhe.

22Ngokuba sekusele iminyaka embalwa, ngithathe indlela engingenakubuya kuyo.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 16.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.