Job 17
1 “Umoya wami wephukile, imihla yami iyaphela, sengibhekene negodi.
2 Impela kukhona abangiklolodelayo eduze kwami, neso lami lihleli ekungichukuluzeni kwabo.
3 Ake unginike isibambiso, ungimele, ngubani oyokwenza isivumelwano nami na?
4 Ngokuba uzivalile izingqondo zabo, ukuze zingaqondi, ngakho-ke awuyukubaphakamisa.
5 Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6 Ungenze isiga ebantwini, nokhafulelwa ebusweni.
7 Iso lami lifiphele ngenxa yosizi, wonke amalungu ami anjengethunzi.
8 Abaqotho badumele ngalokhu, ukuthi ongenacala uvukela ongenabunkulunkulu.
9 Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
10 Kepha nina buyani manje ngothi lwenu, nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu.
11 Izinsuku zami seziphelile, amasu ami asechithiwe, nezifiso zenhliziyo yami.
12 Ubusuku babenza imini, bathi: ‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’
13 Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,
14 ngibize ingcwaba ngithi: ‘Ungubaba,’ nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’
15 Liphi pho ithemba lami na? Yebo, ithemba lami, ngubani oyakulibona na?
16 Ngabe liyokwehlela ezinsikeni zendawo yabafileyo, sehle kanyekanye, siyophumula othulini na?”