Job 15
1 Kwase kuthatha u-Elifazi, umThemani, wathi:
2 “Ohlakaniphileyo uyakuphendula yini ngolwazi olungathi shu, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga na?
3 Aphikisane ngamazwi angasizi lutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?
4 Kepha wena uyakuchitha ukwesaba, uqede ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba iziphambeko zakho zifundisa umlomo wakho; ukhetha ukukhuluma kwamaqili.
6 Ngumlomo wakho okulahla ngecala, yizindebe zakho uqobo, hhayi mina, ezifakaza okumelene nawe.
7 Ngabe ungumuntu wokuqala yini owazalwa na? Wabakhona zingakabi bikho nezintaba na?
8 Wakuzwa yini okwakhulunywa emkhandlwini kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?
9 Yini oyaziyo thina esingayaziyo na? Yini oyiqondayo thina esingayiqondiyo na?
10 Izimpunga, nabamnkantshubomvu abadala kunoyihlo bangakithi.
11 Incane yini kuwe induduzo kaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?
12 Kungani inhliziyo yakho ikumukisa na? Kungani amehlo akho egcwala intukuthelo,
13 bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?
14 Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
15 Nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlanzekile emehlweni akhe,
16 kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ububi njengamanzi na?
17 “Ngizokutshela, ngilalele, ngizokulandisa engikubonileyo,
18 lokho okwakhulunywa yizihlakaniphi ezingakufihlanga kokhokho bazo,
19 izwe elanikwa zona kuphela, akukho mfokazi owadabula phakathi kwabo.
20 Umuntu oyisikhohlakali ubinyabinyeka ebuhlungwini imihla yonke, ngayo yonke iminyaka isidlova esibekelwe yona.
21 Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.
22 Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni, ulindelwe yinkemba.
23 Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.
24 Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,
25 ngokuba waphonsela uNkulunkulu inselelo, wazigabisa kuSomandla.
26 Wamelana naye ngeqholo, ethembele emahawini akhe aqinileyo,
27 ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe, wenza umvingqi okhalo lwakhe.
28 Wahlala emizini eyincithakalo, nasezindlini okungahlali muntu kuzo, ezimiselwe ukuba ngamanxiwa.
29 Akayukuceba, nengcebo yakhe ayiyukuhlala, nempahla yakhe ayiyukwanda ezweni.
30 Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.
31 Makangethembi okuyize, azikhohlise ngokuyize, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
32 Kuyokwenzeka kungakabi yisikhathi, igatsha lakhe lingakakhuli libe luhlaza.
33 Uyakuvuthulula amagilebhisi akhe aluhlaza njengomvini, awohloze imbali yakhe njengomnqumo.
34 Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
35 Bakhulelwa inkathazo, bazale inkohlakalo, isisu sabo silungiselela inkohliso.”