Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Job 14

:
Zulu - 2020
1 “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.
2 Uyaqhakaza njengembali, abuye abune, ubalekisa okwethunzi, akami ndawonye.
3 Ngabe ugxilisa amehlo akho konje, ungiyisa ekwehlulelweni kanye nawe na?
4 Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.
5 Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.
6 Bheka kude naye, uke umyeke, aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa.
7 “Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, uyakubuye uhlume, nehlumela lawo aliyukuphela.
8 Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiqu sawo sifela othulini,
9 ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze amagatsha njengesithombo.
10 Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?
11 Njengamanzi anyamalele olwandle, nomfula oshile waze woma,
12 kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka, lize lingabi bikho izulu abayukuvuka, abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13 Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
14 Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.
15 Uyakungibiza, ngisabele, uyakuwulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16 ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami, awuyukusinaka isono sami.
17 Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, bese usibekela ukona kwami.
18 “Kepha intaba iyawa, idilike, nedwala lisuswe endaweni yalo,
19 amanzi ayagudla amatshe, ukuphuphuma kwawo kukhukhula uthuli lomhlaba, nethemba lomuntu lishafiswe kanjalo.
20 Uyamehlula kuze kube phakade, ahambe, uyabuguqula ubuso bakhe, umhambise.
21 Amadodana akhe ayahlonishwa, engazi yena, ayehliswa, yena angakuboni lokho.
22 Umzimba wakhe kuphela ozwa ubuhlungu, umphefumulo wakhe umlilele wona kuphela.”