Job 142020

1“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.

2Uyaqhakaza njengembali, abuye abune, ubalekisa okwethunzi, akami ndawonye.

3Ngabe ugxilisa amehlo akho konje, ungiyisa ekwehlulelweni kanye nawe na?

4Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.

5Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.

6Bheka kude naye, uke umyeke, aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa.

7“Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, uyakubuye uhlume, nehlumela lawo aliyukuphela.

8Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiqu sawo sifela othulini,

9ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze amagatsha njengesithombo.

10Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?

11Njengamanzi anyamalele olwandle, nomfula oshile waze woma,

12kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka, lize lingabi bikho izulu abayukuvuka, abayukuphaphanyiswa ebuthongweni babo.

13Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.

14Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.

15Uyakungibiza, ngisabele, uyakuwulangazelela umsebenzi wezandla zakho,

16ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami, awuyukusinaka isono sami.

17Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, bese usibekela ukona kwami.

18“Kepha intaba iyawa, idilike, nedwala lisuswe endaweni yalo,

19amanzi ayagudla amatshe, ukuphuphuma kwawo kukhukhula uthuli lomhlaba, nethemba lomuntu lishafiswe kanjalo.

20Uyamehlula kuze kube phakade, ahambe, uyabuguqula ubuso bakhe, umhambise.

21Amadodana akhe ayahlonishwa, engazi yena, ayehliswa, yena angakuboni lokho.

22Umzimba wakhe kuphela ozwa ubuhlungu, umphefumulo wakhe umlilele wona kuphela.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 14.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.