Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 13

:
Zulu - 2020
1 “Bheka, iso lami likubone konke, nendlebe yami yezwa, yaqonda.
2 Enikwaziyo nami ngiyakwazi, aningedluli ngalutho.
3 Kepha ngizokhuluma kuSomandla, ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.
4 Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu.
5 Sengathi impela ningawuhlaba inhlali, lokho kuyoba ngukuhlakanipha kini.
6 Ake nilalele ukuqagulisana kwami, nizwe isikhalo sezindebe zami.
7 Niyokhuluma okubi yini ngoNkulunkulu, niyokhuluma inkohliso ngaye na?
8 Niyobuvuna yini ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu na?
9 Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na? Ningamkhohlisa yini njengalokhu kukhohliswa umuntu na?
10 Impela uyakunisola uma niyokwenzelela ngasese.
11 Ubukhosi bakhe abuyukunethusa yini, nokwesabisa kwakhe kwehlele kini na?
12 Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha, nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba.
13 “Thulani, ukuze ngikhulume, noma ngabe ngehlelwa yini akusho lutho lokho.
14 Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na?
15 Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami, ukuthi ongenaNkulunkulu akayukuza phambi kwakhe.
17 Lalelisisani amazwi ami, nengikushoyo kungene ezindlebeni zenu.
18 Bhekani-ke, sengizilungiselele ukwethula udaba lwami, futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.
19 Ngubani ozophikisana nami na? Ngokuba uma kunjalo ngizozithulela ngize ngife.
20 Zimbili kuphela izinto engicela ungenzele zona, ukuze ngingabucasheli ubuso bakho:
21 dedisela kude nami isandla sakho, ukwesabeka kwakho kungangethusi.
22 Khuluma, ngizophendula, noma mangikhulume, Wena ungiphendule.
23 Zingakanani iziphambeko zami nezono zami na? Ngazise izeqo zami nezono zami.
24 Ubufihleleni ubuso bakho, ushaye sengathi ngiyisitha sakho na?
25 Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo, uxoshe inkunkuma eyomileyo na?
26 Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
27 Izinyawo zami uzichome ezingongolweni, waziqaphela zonke izindlela zami, wamisa umkhawulo ematheni ezinyawo zami.
28 Ngiyaphela njengobolayo, nanjengengubo edliwa ngubuvunya.”