Job 122020

1UJobe waphendula, wathi:

2“Akuthandabuzwa ukuthi yini nodwa abantu, nokuhlakanipha kuyofa nani.

3Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?

4Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.

5Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.

6Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo.

7Kepha ake ubuze izilwane, zizokufundisa, nezinyoni zezulu, ukuze zikutshele.

8Khuluma kuwo umhlaba, ukuze ukufundise, nasezinhlanzini zolwandle ukuze zikulandise.

9Ngubani phakathi kwabo bonke laba, ongazi ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaSimakade sikwenzile lokhu na?

10Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.

11Indlebe ayiwahloli yini amazwi, nolwanga alukunambithi yini ukudla na?

12Ukuhlakanipha kutholakala ezimpungeni, nangobude bezinsuku kwabanokuqonda.

13“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.

14Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.

15Uyawavimba amanzi, ashe, awathumele agumbuqele umhlaba.

16Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe, oduka endleleni nalowo omdukisayo bangabakhe.

17Uyaphuca abeluleki ukuhlakanipha, enze abehluleli babe yiziwula.

18Uthukulula izintambo zamakhosi, awabophe ngebhande ezinkalweni zawo.

19Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu.

20Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.

21Uthela izikhulu ngehlazo, athukulule amabhande abanamandla.

22Wembula izinto ezijulileyo ebumnyameni, aveze obala izinto ezisebumnyameni obukhulu.

23Wenza izizwe zibe zinkulu, bese ezibhubhisa, ukhulisa izizwe, bese ezihlakaza.

24Uphuca abaholi bezizwe zomhlaba ukuqonda, abahlwathizise lapho kungekho ndlela khona, ehlane, kwahlongasibi.

25Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 12.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.