Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Job 11

:
Zulu - 2020
1 Wayesethatha uZofari waseNahama, wathi:
2 “Ngabe awayukuphendulwa yini amazwi amaningi kangaka na? Iphoshophosho lingaxolelwa yini na?
3 Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na?
4 Ngokuba uthe: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimsulwa emehlweni akho Nkulunkulu.’
5 Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,
6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.
7 “Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?
8 Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?
9 Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.
10 Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?
11 Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?
12 Uma umuntu ongahlakaniphile engaba ngohlakaniphileyo, nethole lembongolo yasendle lingazalwa lingumuntu.
13 “Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho, welulela izandla zakho kuye,
14 uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho, ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,
15 impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uyokuma uqine, ungenakwesaba.
16 Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.
17 Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.
18 Uyoba ngophephile, ngokuba likhona ithemba, uyovikeleka kahle, ulale phansi uphephile.
19 Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.
20 Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”