Isaiah 652020

1“Ngavuma ukufunwa yilabo abangangicelanga, ngafunyanwa ngabangazange bangifune, ngathi: ‘Ngilapha, ngilapha,’ esizweni esingabizwanga ngeGama lami.

2Ngibelulele izandla zami usuku lonke abantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engeyinhle nangokwemicabango yabo,

3abantu abahlala njalo bengichukuluza, bengikhomba, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini;

4abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, abadla inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

5abathi: ‘Mana khona lapho, ungasondeli kimi, ngokuba ngehlukanisiwe kuwe;’ laba bantu banjengentuthu emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.

6“Bheka, kulotshwe phambi kwami ukuthi: angiyukuthula, ngiyoziphindiselela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo

7ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.

8Usho kanje uSimakade, uthi: “Njengalokhu iwayini elisha litholwa ehlukuzweni lamagilebhisi, bese kuthiwa: ‘Ningaloni ngokuba kunesibusiso esikulo,’ ngiyokwenza kanjalo, ngenxa yenceku yami: angiyukubabulala bonke.

9Ngiyakuveza izizukulwane kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakukwakha khona.

10ISharoni liyakuba yidlelo lezimvu, nesigodi i-Akhori sibe yindawo yokubuthisa izinkomo kubantu bami.

11“Maye, kinina enishiya uSimakade, nikhohlwe yintaba yami engcwele, enihlelela iNhlanhla itafula, nenigcwalisela uMiselo iwayini elixhutshanisiweyo;

12ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”

13Ngalokho isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyabona-ke, izinceku zami ziyakudla, kodwa nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kodwa nina niyakujabha;

14bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakukhala ngokudabuka kwenhliziyo yenu, nilile ngobuhlungu emphefumulweni.

15Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.

16Ngakho-ke lowo oyobiza isibusiso ezweni uyakuzibusisa ngoNkulunkulu weqiniso, nalowo ofungayo ezweni, uyofunga ngoNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele, futhi zifihlakele emehlweni ami.”

17“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.

18Kodwa jabulani nethabe kuze kube phakade ngalokho engizakukudala, ngokuba ngizakulenza iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo.

19Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, akuseyukuzwakala kulo izwi lokulila nezwi lokukhala.

20“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.

21Bayokwakha izindlu, bahlale kuzo, batshale izivini, badle izithelo zazo.

22Abayukwakha, bese kuhlala omunye; abayukutshala, bese kudla omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyokuba njengezinsuku zomuthi; abakhethiweyo bami bayowuthokozela isikhathi eside umsebenzi wezandla zabo.

23Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo.

24Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa.

25Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 65.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.