Isaiah 66
1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?
2 Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.
3 Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
4 Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”
5 Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.
6 Lalelani izwi lomsindo elivela emzini, izwi elivela ethempelini! Yizwi likaSimakade eziphindiselela ezitheni zakhe.
7 “IZiyoni ngaphambi kokuba libe nemihelo, lazala; lingakehlelwa zinhlungu, lazala umntwana wesilisa.
8 Ngubani okuzwile okunjena na? Ngubani okubonile okunjengalokhu na? Izwe lingazalwa ngasuku lunye na? Isizwe singazalwa ngalusuku lunye na? Ngokuba iZiyoni lithe lisahelelwa, lazala abantwana balo.
9 Mina ngingakusondeza yini ekuzalweni ngingenzi uzalwe na?” kusho uSimakade. “Mina ozalisayo ngingasivala yini isibeletho na?” kusho uNkulunkulu wakho.
10 “Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo,
11 ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo; ukuze nincele nizidelise ngokwenama ekugcwaleni kwenkazimulo yalo.”
12 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, niyoncela, niphathwe ngezingalo zalo, nitotoswe nisemathangeni.
13 Njengonina eduduza umntwana wakhe, kanjalo ngiyoniduduza, nina niduduzeke eJerusalema.”
14 Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.
15 Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.
16 Ngokuba ngomlilo nangenkemba, uSimakade uyokwehlulela bonke abantu, bayoba baningi abayobulawa nguSimakade.
17 “Labo abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinto ezinengekayo nezimpuku, bayophela kanyekanye,” kusho uSimakade.
18 “Ngiyayazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukuzobutha zonke izizwe nezilimi, ziyakufika, ziyibone inkazimulo yami.
19 “Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
20 Bayoletha njengomnikelo kuSimakade, bonke abafowenu bevela ezizweni zonke ngamahhashi, ngezinqola, ngezinhlaka, ngeminyuzi nangamakameli, bayoza entabeni yami engcwele, iJerusalema,” kusho uSimakade, “njengalokhu abakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaSimakade.
21 Ngiyakuthatha abanye kubo babe ngabaphristi nabaLevi,” kusho uSimakade.
22 “Njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” kusho uSimakade, “kanjalo izizukulwane zakho negama lakho kuyakuma.
23 Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuya kwelinye; bonke abantu bayofika bazokhuleka phambi kwami,” kusho uSimakade.
24 “Bayophuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyukufa, nomlilo wabo awuyukucima, bayoba yisinengiso kubo bonke abantu.”