1Sengathi ungadabula amazulu, wehle, kuzamazame izintaba phambi kwakho,
2njengalapho umlilo wokheleka ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingazilindele, wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.
5Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?
6Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
7Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.
9Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.
10Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.
11Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho okhokho bethu babekudumisa khona, ishiswe ngomlilo, nazo zonke izinto zethu ezithandekayo, ziphenduke incithakalo.
12Emva kwakho konke lokhu, usazokuzibamba yini Simakade na? Usazothula yini, sewusishaye kangaka na?