Isaiah 64
1 Sengathi ungadabula amazulu, wehle, kuzamazame izintaba phambi kwakho,
2 njengalapho umlilo wokheleka ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3 Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingazilindele, wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4 Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.
5 Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?
6 Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
7 Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8 Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.
9 Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.
10 Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.
11 Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho okhokho bethu babekudumisa khona, ishiswe ngomlilo, nazo zonke izinto zethu ezithandekayo, ziphenduke incithakalo.
12 Emva kwakho konke lokhu, usazokuzibamba yini Simakade na? Usazothula yini, sewusishaye kangaka na?