Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 63

:
Zulu - 2020
1 Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”
2 Kungani izembatho zakho zibomvu, nezingubo zakho zinjengezonyathela esikhamweni sewayini na?
3 “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho noyedwa kubantu owayenami; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngolaka lwami, negazi labo lachaphazela izingubo zami, ngazingcolisa zonke izembatho zami.
4 Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5 Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.
6 Ngase nginyathela izizwe ngentukuthelo yami, ngazichoboza ngolaka lwami, ngalithululela phansi igazi lazo.”
7 Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.
8 Wathi: “Ngempela bangabantu bami, abantwana abangenankohliso;” waba nguMsindisi wabo,
9 kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.
10 Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
11 Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
12 owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owehlukanisa amanzi phambi kwabo, ukuba azenzele igama eliphakade;
13 owabadabulisa olwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki na?
14 Njengezinkomo zehlela ethafeni, uMoya kaSimakade wabaphumuza. Wabahola kanjalo abantu bakho, ukuze uzenzele igama elimangalisayo.
15 Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16 Ngokuba Wena unguBaba, nakuba u-Abhrahama engasazi, no-Israyeli engasivumi, kodwa Wena Simakade unguBaba; igama lakho unguMhlengi wethu waphakade.
17 Simakade, kungani usidukisile ezindleleni zakho, uzenza lukhuni izinhliziyo zethu, zize zingakwesabi na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.
18 Abantu bakho abangcwele balidla ifa okwesikhashana; izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.
19 Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.