Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 62

:
Zulu - 2020
1 Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
2 Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade.
3 Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade, nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.
4 Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.
5 Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
6 Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli,
7 futhi ningamniki ukuphumula aze alakhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.
8 USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,
9 kodwa bayokudla abakuqoqileyo, badumise uSimakade, nabaliqoqileyo bayoliphuzela emagcekeni endlu yami engcwele.”
10 Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.
11 USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’
12 Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga.